ISAKABULI:
• Isakabuli yinyoni emnyama noma esansomi bese liba nebala elimhloshana emaphikweni. Lithi kalibe ngangeqola, sekoya ngezindawo ngoba phela imibala ihluka kaningi. Isakabuli lidume ngokudlalisa isisila salo eside, uma abafana belibongela
ekwaluseni bethi: "Unontandakubukwa njengesakabuli!"
Isikhukhukazi sakhona asinaso isisila eside njengeqhude. Isakabuli lidla imbewu yezilimo kanye nomuhlwa. Izimpaphe zesakabuli zihloba amakhosi kuphela azihlome lapha ekhanda, kwazise zinhle. Nokhoke ayidliwa inyama yesakabuli.
Okubalulekile ngale nyoni ingunontanda kubukwa ngoba nayo iyazazi, inhle futhi iyathandwa yingakho ize ichome nangesisila sayo uma isindizela phezulu!
Kuyaye kuthi uma amaphisi eyixhosha, eyishaya noma eyijaha bese iyabona ukuthi sekubhedile, ayisenamaqhinga mhlawumbe
isishayekile isindiza kabuhlungwana iyaye iqale izichuthe izinsiba, izephule, ezinye izidle ngoba iyazi ukuthi ngoba ibulawa nje ifela zona izinsiba zayo eziligugu emakhosini.
Yingakho kunesaga esithi: NESAKABULI LIYAZIDLA IZINSIBA ZALO
• Le nkulumo uma siyibhekisa kumuntu
kusuke kuqondwe lowo muntu ozithwala ngeqoma nozazisayo, noyaye akhulume into abe ngundlovu kayiphikiswa. Kepha izinto uma sezimuhambela lukeke, kuba buhlungu uma esetshelwa ukuthi sakubonisa wenqaba, ebese eba nokuzisola phakathi.Singasho futhi sithi usuke esegwinya
amagama akhe. Nesakabuli lizidla kanjaloke izinsiba zazo, umphumela wokuchoma mubi.
(Emuva kokuphambanisa isithombe seSakabuli nesikaJojo izolo, kukhona abasale sebecela ukuba ngibachazele ngeSakabuli.)
*** Idubukele baklezi abahle ***
Share this Scrolly Tale with your friends.
A Scrolly Tale is a new way to read Twitter threads with a more visually immersive experience.
Discover more beautiful Scrolly Tales like this.
