Black ⚫️ Profile picture
Black pen 🖊

Aug 16, 2020, 11 tweets

Ukushaya indlwabu:

• Sithini isintu ngokushaya indlwabu? Ngizamile ukuphenya phenya kepha akukho okutheni okushiwo yisintu ngomkhuba wokushaya indlwabu. Kepha kukhona okuncane engikutholile.

Emandulo indlwabu kwakungumkhuba wabafanyana abancane futhi babengafihli babeyishaya

nje bebonke ekwaluseni bejabulele lemizwa emisha esebeyizwa. Bebeqala baqaphele uma bevuka ekuseni sebenesidoda (emuva kwesidudla somoya). Kwakuthi uma izingqwele zabo zezikuqaphelile lokho bese sibahlalisa phansi zibafundisa ngalemizwa, zibafundise kabanzi ukuthi ngabe lokhu

kusho ukuthini. Insizwa uma isifike kulesi sigaba ibiqeqeshwa ukuba yazi ukuthi isikhulile isingawuvusa umuzi kababa wayo. Nizokhumbula ukuthi kudala umuntu wesifazane ubengalali nomfana bengashadile, futhi kunokudla abebekugwema uma bengakagani ukuze ingamfikeli imizwa

yokuqhanyelwa. Ngakhokhe abesifazane bona babengayishayi nje nhlobo indlwabu (ukuzikopa). Futhi ukuzikopa kwakungaphazamisa ubuntombi babo.

Uma insizwa isikhula ke ibiyaye ithathe umfazi bese iwuyeka lomkhuba ngoba isiyindoda yomuzi. Futhi nizokhumbula ukuthi emandulo ibingekho

lemibukiswano yocansi esigcwele manje, ngakhoke insizwa ibivukelwa uma isisendlini nowakwayo noma uma ibona intombi kepha bekusuke kusesidlangalaleni ingeke yenze lutho ngalokho.

Umnumzane womuzi noma insizwa esithathile ibingayishayi indlwabu futhi kwasidingo sayo besingekho

nje sdalo. Futhi isidoda sowesilisa osethathile besaziwa njengembewu yokuvusa umuzi ngakhoke indoda nendoda bekubalulekile ukuba isihloniphe.

Ngakhoke kusho ukuthi kithi kwaNtu noma kwaZulu indlwabu akusiyo eyamadoda kepha eyabafana. Noma ke mhlampe eyezigwadu ngoba phela

zikhona izinsizwa ezishimile, kanjalo nezintombi ezishimile. Angeke nginigxeke kangako ke nokho ngoba izwe selaba nje, kepha uma usuphumile ebufaneni zama ukuhlukana nendlwabu mntakamkhulu ayilungile. Uzoba umnumzane onjani nje oshaya indlwabu ngampela 🤔

• Uma ukuna ukwazi

kahle ukuthi indlwabu ayilungile, zibuze nje uma uqeda kuchama ukuthi: "Kaze ngempela ngenzani?" Impendulo yakho izothi: "Hhayi bengigcina angeke ngisayenza lento!" Uma uphinde wayenza ubokwazi ke lapho ukuthi inkinga yakho nendlwabu isibucayi impela usuthembele kuyona abelumbi

bathi usu-addicted.

Ubungozi bendlwabu:
• Singabala ukuphelelwa imizwa yabesifazane/abesilisa.
• Ukushaya ijika elilodwa wanele.
• Ukusheshe uchame bese lingabe lisavuka (kwazise phela kwindlwabu akushawa amajika amaningi liba linye nje ebese ulale phansi)
• Indlwabu

inciphisa amathuba enzalo.
• Ukuthembela kuyona (addicted).
• Bafowethu nodadewethu kuningi nje nani okunye niyakwazi, kepha nje asivume ukuthi indlwabu ayilungile uma usumdala!

*** Sengiphetha nje zinsizwa yekani indlwabu nithathe abafazi noma nithole izintombi. Ucwaningo

luveza ukuthi abesifazane bona bayishayiswa yindlala yocansi kepha amadoda kuthiwa ukuthembele kuyona (addicted) ngakhoke inkinga enkulu ikini madoda shelani niyeke ubushimane nokulambisa abantu besifazane ***

Share this Scrolly Tale with your friends.

A Scrolly Tale is a new way to read Twitter threads with a more visually immersive experience.
Discover more beautiful Scrolly Tales like this.

Keep scrolling