Discover and read the best of Twitter Threads about #IsintuSakithi

Most recents (3)

Nina bohlanga lomhlabathi 👐

• Kuyikho kodwa sizwe esimnyama! Mina ngizogxila kini ngoba yinina abakwethu. Kuhle ukukhuza ezakweni kuqala kuyima ukhuza ezangaphandle. Ngiyaxolisa kepha ngizogxila kini kakhulu madoda.

Kuyikho yini ukuthi nango 2020 kusakhuzwa udlame olubhekiswe Image
kwabesifazane 🤔 kuyikho yini nina baka Phunga noMageba?

Kanti akuthina yini ekumele sivikela abesifazane kanye nezingane zethu? Uthi niyazi nje kodwa ukuthi abantu abesifazane kanye nezingane bathembe thina? Yazi uma uhambe nabo ebumnyameni njengendoda basuke bethembe thina?
kanjalo ke nasemhleni ukuthi kusemini noma kusebusuku basuke bethembe thini! Pho sibaphoxelani? Kungani siphenduka izilwane zasendle 😡 Haybo madoda! Asashonaphi kanti amadoda aqotho, ayehlonipha abesifazane? Amadoda ayezivikela izingane, amadoda ayekhathalele ukwakha isizwe si
Read 7 tweets
Ingwe:

• Ingwe yisilwane sasendle esinhIe cishe ukuzedlula zonke izilwane zasendle ezisesigabeni sayo. Ubuhle bayo busesikhunjeni. Isikhumba sayo sakha imvunulo yamakhosi, abaNtwana, nezitatanyiswa. Isikhumba sayo siqopha amambatho, imiqhele, ubukopolo, izindidla njalonjalo. Image
Amazipho engwe enza imvunulo yasentanyeni. Endulo kusadliwa ngoludaIa kwaZulu, ingwe ibihloba abasebukhosini kuphela, lokhu kwakwenzelwa ukuba kubelula ukubabona uma bephakathi kwabantu. Kuyaqapheleka ukuthi ingwe ivunula abesilisa kuphela. Owesifazane kuyenzeka
avunule ngayo mhla echanguza, ubevunula ngamambatho ayo kuphela.

Ingwe lena iyalunothisa ulimi lwesintu ngoba ziyavela izaga nezisho nezifenqo eziqanjwe ngayo:
1. Kudibene ingwe nengonyama.
2. Ingwe idla ngamabala.

#IsintuSakithi
Read 3 tweets
Umlanjwana:

• Lena yingane ezalwe intombazana yayitholela ekhaya yangalotsholwa leyongane ngesintu-ke ibiza isibongo sikanina, kodwa kukhona lapho kudlulwa khona kumele uyise wentombazana athathe imbuzi aye emsamo ayokhuluma kanje "nina basekuthini nansi ingane ezalwa
uNozibanibani uyizale ohlanyeni manje uhlanya lubalekile sicela niyeluse nomaphi lapho ihamba khona ngoba ingeyenu" bese ifakwa isiphandla saleyombuzi esandleni "sokunxele" leyongane ingeyasekhakonina ngisho isebenza isebenzela khona ngisho isiphuma umuzi kuba owasekhaya konina.
Angiyazi lento eseyenzeka yokuthi umuntu uyazihlawula azilobole bese ebiza isibongo sikayise ukuthi ivelaphi ngoba uma ungumlanjwana uyifa lakomalume.

Kulesi sikhathi samanje isiminingi imilanjwana, futhi lesi simo sesihluphe abaningi kakhulu futhi sisazohlupha abaningi impela.
Read 10 tweets

Related hashtags

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just two indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3.00/month or $30.00/year) and get exclusive features!

Become Premium

Too expensive? Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal Become our Patreon

Thank you for your support!