Black ⚫️ Profile picture
Black pen 🖊

Jun 21, 2020, 7 tweets

Nina bohlanga lomhlabathi 👐

• Kuyikho kodwa sizwe esimnyama! Mina ngizogxila kini ngoba yinina abakwethu. Kuhle ukukhuza ezakweni kuqala kuyima ukhuza ezangaphandle. Ngiyaxolisa kepha ngizogxila kini kakhulu madoda.

Kuyikho yini ukuthi nango 2020 kusakhuzwa udlame olubhekiswe

kwabesifazane 🤔 kuyikho yini nina baka Phunga noMageba?

Kanti akuthina yini ekumele sivikela abesifazane kanye nezingane zethu? Uthi niyazi nje kodwa ukuthi abantu abesifazane kanye nezingane bathembe thina? Yazi uma uhambe nabo ebumnyameni njengendoda basuke bethembe thina?

kanjalo ke nasemhleni ukuthi kusemini noma kusebusuku basuke bethembe thini! Pho sibaphoxelani? Kungani siphenduka izilwane zasendle 😡 Haybo madoda! Asashonaphi kanti amadoda aqotho, ayehlonipha abesifazane? Amadoda ayezivikela izingane, amadoda ayekhathalele ukwakha isizwe si

sika Phunga noMageba. Selingaze life nje elikaMthaniya madoda sikhona? Ngenxa yethu! Kahleni bafowethu! 😢 Sekwanele phela manje asikhuzeke.

Bantu besifazane siyanithanda, kanye nezingane zethu zonke emphakathini. Sizozama ukuba amadoda ancono, amadoda enizozizwa niphephile kuwo

Amadoda anokuthula nothando. Bantu besifazane sizozoma ukuba ncono, sizozama ukuba secaleni lenu silwe nalesi sihlava esibi.

Ngiphosela yonke indoda inselelo, asakhe isizwe esiphephile nesinothando. Madoda asilwisane nalamadojeyana ehlisa isithunzi samadoda. Phela thina madoda

sihloniphekile, sinothando, siyabavikela abesifazane nezingane.

Asifunge/asizinikele madoda! Ayisekho indoda ezoke ihlukumeze owesifazane noma ingane phambi kwethu! Bantu besifazane sinani siyathembisa angeke sivume, akasekho ozonithinta!

Nani bantu besifazane siyacela ukuba ni

nisihloniphe nani sinihloniphe, sithandane sakhe isizwe esinothando. Dadewethu musa ukuthula ngisho engathi uzokubulala kepha musa ukuthula ngoba noma ungathula ekubeni ekuhlukumeza vele uzogcina ngokukubulala.

#SithiChaKudlameLobulilo #IsintuSakithi #SakhaIsizwe

Share this Scrolly Tale with your friends.

A Scrolly Tale is a new way to read Twitter threads with a more visually immersive experience.
Discover more beautiful Scrolly Tales like this.

Keep scrolling