My Authors
Read all threads
Isiko lokusoka:

• Kwakulisiko lakwaZulu ukuba abafana basoke, kwakuyaye kuthathwe abafana bebanga elithile bahambe bayosokwa entabeni. Babehlala khonake kuze kuphole imitsha yabo. Umfana ongasokile wayebukelwa phansi, kuthiwe akandoda yalutho ngoba wesaba ukuya edwaleni lapho
kusokelwa khona. Leli siko namuhla sesilibona kwezinye izizwe, futhi zisaluhlonipha kakhulu kangangokuba ezinye izizwe azidli nakudla nje nomuntu ongasokile.

Isiko lokusoka kwaZulu laqedwa yiSilo uShaka umlomo ongathethi manga ecasulwa ukuthi abafana bahlala entabeni kuchitheke
isikhathi esiningi behlezi entabeni bepholisa imitsha yabo. Lokho kwakumphazamisa ezinhlelweni zakhe zempi. Yena wabona kungcono ukuba abafana bafunde ubudoda komkhulu ngesikhathi sokubuthwa kwezinsizwa. Endulo amaZulu ayeligcina leli siko lokusoka kusukela koKhulukhulwane. Leli
siko lenziwa ngobuntanga abathombe mnyaka munye. Ngaleli siko abafana babefundiswa ubudoda.

Leli siko lokusoka lenzelwa entabeni, kunqunwa amajwabu omutsha abo bonke abafana abayizintanga, bese egazingwe odengezini, axutshwe nomuthi ancindwe yibo bonke ontanga. Leli bekuyisiko
lokuhlanganisa isizwe sibe yinto eyodwa kanye nokufundisa abafana ubudoda. Lo msebenzi wabe usunikwa izingwele kwaba umsebenzi wazo ukuhlaba umthambo womutsha. Lapha ngaphansi komutsha kukhona umthambo, kuhlatshwa wona bese uboshwa ngenhlali yeshoba lenkunzi kuthi nsi kuqine,
ungeze waboshwa ngenhlali yeshoba lenkomazi ngoba ishoba lenkunzi ilona eliqinile futhi kwakufuneka nalawa mandla enkunzi.

Nakuba ukuhlaba umthambo kubuhlungu abafana bayakubekezelela ngoba bakholelwa ukuthi kubenza babe amadoda futhi kuyobenza bangabi nazinkinga ekukhuleni
kwabo!

Inkosi uShaka yasungula ukuchambuza, nokuklekla. INkosi uShaka wathi uma umuntu engachambuzile uyoduka nezinye izizwe, ngakho iNkosi yathi ukuchambuza kuluphawu lobuZulu. Baqala kanjalo ke abantu bakwaZulu ukuchambuza. Bakwenza ngelikhulu igugu ngoba amaZulu ayezithathela
phezulu izinto ezazishiwo inkosi uShaka ngoba ngaso sonke isikhathi wayebeka isizwe samaZulu phambili. Ngaso sonke isikhathi izinto ayeqhamuka nazo wayesuke ehlose ukukhulisa nokuqinisa isizwe samaZulu njengoba usibona nje singaka!

👐👐 Nina benkomo ekhaba abayisengayo 👐👐
Missing some Tweet in this thread? You can try to force a refresh.

Keep Current with Sikleza KweleGuqa

Profile picture

Stay in touch and get notified when new unrolls are available from this author!

Read all threads

This Thread may be Removed Anytime!

Twitter may remove this content at anytime, convert it as a PDF, save and print for later use!

Try unrolling a thread yourself!

how to unroll video

1) Follow Thread Reader App on Twitter so you can easily mention us!

2) Go to a Twitter thread (series of Tweets by the same owner) and mention us with a keyword "unroll" @threadreaderapp unroll

You can practice here first or read more on our help page!

Follow Us on Twitter!

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just two indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3.00/month or $30.00/year) and get exclusive features!

Become Premium

Too expensive? Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal Become our Patreon

Thank you for your support!