My Authors
Read all threads
Inkolo Yesintu/yaseMandulo:

• Umvelinqangi wayekhona nasemandulo futhi indlu emnyama ibimazisa kakhulu ibibuhlonipha ubukhona nobukhulu bakhe. Emandulo wayengekho umuntu wasemhlabeni noma owake waphila emhlabeni obekhonzwa kuthiwe uthunywe nguMvelinqangi kepha okhokho
babexhumana noMvelinqangi ngqo. Yebo babekhona abantu abaneziphiwo ezahlukene futhi ezimangalisayo kepha abakaze bakhozwe nhlobo!

• Amandla okuphumelela kwendlu emnyama yabantu alahleka mhla kulahleka isikompilo eliyingcwele lokwenziwa komkhosi weNkatha. Njengoba inyanga
yokuqala unyaka emandulo kwakunguMandulo (September) lenyanga yelama inyanga kaNcwaba okuyinyanga yokulahla izono namagqubu nezinhlambuluko ukuze uma kufika uMandulo wonke umuntu abesesimeni esihle sokungena ngobungwele emkhosini weNkatha . Lendaba iqala emagcekeni emizi ngemizi
esikhathini sobusika imindeni igezana yodwa ihlambulukelana yenza imicimbi ebizwa ngamahlambo okuyimicimbi yokuhlambulula izinhliziyo zabasaphila nganeno nemimoya yabasekwelamathongo. Umndeni nomndeni wenza lokhu ngokuzinikela ukugonyulukelana izimfihlo namaqiniso baxolelane
bavume neziphambeko zabo. Uma ke sebekwenzile lokhu loyo emndenini onesipho sokuxhumana nemimoya uhlanganisa igobongo nokuyiyonansipho yomndeni ehlanza imizimba ngaphandle nangaphakathi. Igobongo ke linalemigomo:
1. Lenziwa wumuntu wakulesisibongo.
2. Izithako zalo azifani
ngokwehlukana kwezibongo ngoba lithakwa ngamakhambi ayimvelaphi yalesosibongo.
3. Alinyakazi uma niligagamela niligoqoza kunemfihlo noma ifindo elingaqaqiwe.
4. Lingamakhambi ahlanzekile nayingcwele axhumanisa isintu nobungcwele bendalo noMvelinqangi.

Emva kwamahlambo kuba
nenyanga yokuthula nokuzotha ukuze ububi bonke buzokwehluleka bufe bushabalale bungcwabeke ebizwa ngoNcwaba. Emva komgonqo kaNcwaba bese loyo omkhulukazi waBenguni onesipho sokuxhumana nemimoya obizwa ngoMholi Wodondolo ophatha udondolo nabanye bonke abaneziphiwo zokuxhumana
nemimoya bonke besizwe bahola isizwe kwenziwe umkhosi weNkatha nokuyilapho isizwe sonke siletha khona utshani bezindlela nobekweluka isibopho senkatha yesizwe ewuphawu lokubuyisana nokubumbana nokuthandana bese inikelwa kuMvelinqangi kucelelwa isizwe unyaka omuhle nonempilo
nesivuno esihle. Lenkatha yelukwa yizalukazi ezindala zesizwe bese ke utshani obusalayo obuyimfucuza bushiswe neminikelo yemihlwehlwe yezinkabi intuthu ke ibiqashelwa kakhulu ngoba uma yenyuka konke kusuke kuhambe kahle kepha uma ibuya izohisha abantu kusuke kungahambi ngendlela.
Lena yiyona nkolo yasemandulo yaBenguni, uma nje singabuyela kuyona uMvelinqangi hleze uyosithethelela kukhona konke esesamona ngakho abuyise namandla ethu obunikazi bomhlaba nengcebo yethu njengendlu emnyama. Lenkolo futhi ihlambulukile ayiphambani nje nakancane nenkolo yezinye
izizwe.

Konakala kuphi kuphi pho?
• Konakala mhla kuqala ukuhlangana izizwe (abamhlophe nabansundu, njalonjalo), kwaqala izimpi abantu bakhohlwa yinkolo jikelele. Baqala abantu bahlakazeka bagcwala izinkalo. Kula eyadungeka khona yaphela ke indlu emnyama ngoba yona cishe
yehlulwa kuzona zonke izimpi zabamhlophe nabansundu ngoba nesazinqoba kepha kwakungagcini lapho kwakugcina bona abamhlophe. Obekwenzeka ke kudala ukuthi uma senehluliwe beniphila ngaphansi kwemithetho emisha yaleso sizwe esinihlulile, ningavumeleki nokwenza inkolo yenu kepha
nenze leyo entsha (kwakubalulekile ukucindezela inkolo ngezikhathi zobandlululo ngoba abacindezeli babazi ukuthi inkolo nqangi yomuntu nomuntu iyonanto enamandla ukuzedlula zonke emhlabeni). Ukube kwakunqobe indlu emnyama hleze nayo iyona eyayiyoqhuba inkolo yayo phezu kwezinye
izizwe.

Kepha nabo abanqoba izimpi zodlame bashayeka kakhulu kwezenkolo ngenxa yokuthi izimpi zathatha isikhathi eside. Isizwe esanqoba impi yenkolo eyayiliwa ngencwadi nangezwi isizwe samaJuda. Isizwe samaJuda sayinqoba lempi ngenxa yokuthi sona kwasekuqaleni sasivele silwela
inkolo yaso, nezimpi zodlame ezabathinta babevele belwela inkolo yabo. Yisona sizwe esazikhandla kakhulu ngenkolo yaso sanqamula amazwe ngamazwe silwela inkolo yaso, ngenhlanhla sayinqoba ngamalengiso leyompi. Lenkolo yagcina isibusa umhlaba wonke ikakhulukazi ezwenikazi
laseAfrika, ukunqoba kwalenkolo kuyafana ncamashi nokunqoba kolimi lwamaNgisi (olutholakala umhlaba wonke).

Sengiphetha nje ayikho inkolo engingathi ishaya eceleni noma iyabheda inqobo nje uma yenziwa umnikazi wayo ayi amambuka/othathekile. Angeke ngigxeke nkolo yasizwe kanjalo
futhi angeke ngigxeke muntu kepha umuntu nomuntu uyena osengazinuka amakwapha. Okubalulekile nje ukuthi ngabe ulandela inkolo yakini ngqo noma ulandela eyokufunza ngabacindezelo, inkolo eyimvelaphi yesinye isizwe. Thina sizwe esimnyama siyisizwe esiduke cishe ukuzedlula zonke
izizwe ezikhona, siyadwanguza nje asizazi, abanye bethu sebakhonza okhokho abangahlangani nakancane nje nathi. Abanye sebabiza okhokho babo ngqo ngamadimoni ngenxa yokhokho basentshonalanga, bathi yibona abangcwele noma bethandaza babiza bona 😢. Ukube benginamandla mina okwakha
nokuvuselela kabusha isizwe sakithi cha ziningi impela izinto ebengizozibuyisa noma ebengizozibuyekeza. Angeke ngithi vu ngalamasonto asungulwe yindlu emnyama kepha asebenzisa ibhayibheli. Ngizoze ngiyone, ake ngehlele ngenzansi.

*** Aythunukale enenxeba ngiyphinde ngosawoti ***
Missing some Tweet in this thread? You can try to force a refresh.

Enjoying this thread?

Keep Current with Sikleza KweleGuqa

Profile picture

Stay in touch and get notified when new unrolls are available from this author!

Read all threads

This Thread may be Removed Anytime!

Twitter may remove this content at anytime, convert it as a PDF, save and print for later use!

Try unrolling a thread yourself!

how to unroll video

1) Follow Thread Reader App on Twitter so you can easily mention us!

2) Go to a Twitter thread (series of Tweets by the same owner) and mention us with a keyword "unroll" @threadreaderapp unroll

You can practice here first or read more on our help page!

Follow Us on Twitter!

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just two indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3.00/month or $30.00/year) and get exclusive features!

Become Premium

Too expensive? Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal Become our Patreon

Thank you for your support!