My Authors
Read all threads
MHLA ABASENTSHONALANGA BETHATHA UMHLABA, BESUSA ABANTU EZINDAWENI ABABAKHE KUZONA BABAZI UKUTHI BENZANI:

Ayikho indawo ebusiseke njengenxiwa, necebe njengalo inxiwa, kukhona lemfihlakalo eyaqondwa ngabasentshonalanga ngaphambhi kokuba bewuhlukanise phakathi umuzi onsundu....
..empeleni sukela endulo ngo 60 B.C uze uzofika ngeminyaka yoma 1900s, abaseNtshonalanga babezama ngayo yonke indlela yokuqhelisa umuNtu onsundu ekuxhumaneni nemvelo, izinkinga aziqali ngeminyaka yoma 1600s, okhokho ukuze befike lapha eningizimu yeAfrikha yingoba babebaleka...
...behlushwa umbuso wamaRoma abantu abafika bacindezela kakhulu ekulahlekeni komlando yilaba baseRoma abenza ukuthi abantu balahlekelwa ububona kwangempela, akengime la, loludaba lamaRoma ngizobuye ngiluchaze kahle ngolunye usuku...
...akengbuyele lapha endabeni ethinta inxiwa...kuthe uma abaNtu sebezinzile lapha eNingizimu, bakha imizi, baqhubeka balima bafuya izinkomo ababekade befike nazo baqala bakha kabusha ubudlelwane babo nemvelo kanye noMdali, isizathu esenza ngithi inxiwa libalulekile yingoba...
...bekuthi kuqala uma kuzokwakhiwa umuzi ububikwa kuMdali, nakumoya oficwe kuleyo ndawo lapho abaNtu bezokwakha khona, funeke siqonde ukuthi indawo nendawo eMvelweni iqashwe imimoya ngokwahluka kwayo, futhi funeke siqonde ukuthi imimoya miningi ngakho ke funeke sazi ukuthi...
...sibhekene namiphi yona, abaNtu babengamane bakhe nje noma ikuphi ngoba ezinye zezindawo ezitholakala kuyo imvelo zinemimoya engalungile, ngenxa yokuthi bona babejule kakhulu ngokukamoya kunokwenyama kwakulula ukuthi baqonde kabanzi ngalezizinto...
...yikho babakha ezindaweni lapho khona kukhona imimoya ecebile emihle, umuzi uma usuwakhiwe ububikwa kuMdali bese athumela lento namhlanje esiyibiza nge Ngilosi "iDlozi" lemvelo elizoqhaphake manje lomuzi osuke wakhiwe, lona lelodlozi lisuke lingaphansi kwalomoya nawo oyidlozi..
elikhulu eliqaphe isigodi noma leyo ndawo abaNtu abasuke bakhe kuyona, iDlozi lomuzi, elisuke lithunyelwe ukuba lizoqapha lelo khaya, ngokuvamisile lizinza lapho khona kusuke kunesibaya, bekuthi uma umuzi usubukilwe abaNtu bendawo nabo sebemiwe kwahlatshwa, ntambhama uma ilanga..
...seliyothambhama, bekusuka umoya phakathi esibayeni uvungize, lokho besekuchaza ukuthi ufikile umqaphi walelo khaya obethunywe Ophezu kwakho konke,izingwevu bese zikubona lokho, futhi sezazi,nakho engifuna ukukusho, ngokuhambha kwesikhathi kube sekuguquka lokhu...
...namhlanje imizi ayisabikwa ngalendlela, kuthiwa isibikwa kwabadala, nayo le yegama "abadala" kusamele abaNtu bechazelwe kahle ukuthi ichazani...abadala kuthiwa abangasekho namhlanje...
..namhlanje sisezinkingeni ezingaka nje yingoba sidukile asizazi ubuthina futhi kwaba khona osomathuba abaguqula isiNtu basenza saba ngokwendlela evuna bona yikho ke namhlanje abaNtu bakithi ungeke ubatshele lutho ngesiNtu ngoba bona bazi ukuthi iqiniso ileli abakhuliswe ngalo...
...nakho ke ukuthi abaseNtshonalanga bayifunda lento kokhokho futhi benza isiqinisekiso sokuthi uma beyithola thina asiyiqondi kahle hle ngokwendlela eyiyiyo, empeleni bona uma befunda kokhokho babefundela ukuthi uma bethole ithuba basibulale ingqondo...
...ukuze bezokwazi ukuthi besicindezele, uma ususa umuNtu onsundu eduze kweMvelo umuphuca amandla okuziqonda nawokuxhuma nayo imvelo, abantu baseNtshonalanga bazi kahle ukuthi la okwakwakhe khona okhokho kukhona izibusiso, yikho babexosha abaNtu bakithi badla nezindawo zonke...
...ezicebile zabaNtu...abanye abaNtu bakithi abephuchwa lezindawo babenganalo ulwazo lwalwento engiyibhalile ngoba azange batshelwe enye into ukuthi umlando uduke ilento yokuthi abantwana babengatshelwa kahle umlando ngemvelaphi nangemvelo...
..yikho abanye babevele bevume uma bekhishwa emanxiweni okhokho babo...lendaba yinde ngiyobuye ngiyiqhubeke angazi nini kukhona la engiya khona nayo, ngifuna ukuveza ukuthi kahle hle kunabantu abadlala indima enkulu ekudukiseni isiNtu..uze uyofika eMpumakoloni.
Missing some Tweet in this thread? You can try to force a refresh.

Keep Current with Azokwanda ka Lindamkhonto vi

Profile picture

Stay in touch and get notified when new unrolls are available from this author!

Read all threads

This Thread may be Removed Anytime!

Twitter may remove this content at anytime, convert it as a PDF, save and print for later use!

Try unrolling a thread yourself!

how to unroll video

1) Follow Thread Reader App on Twitter so you can easily mention us!

2) Go to a Twitter thread (series of Tweets by the same owner) and mention us with a keyword "unroll" @threadreaderapp unroll

You can practice here first or read more on our help page!

Follow Us on Twitter!

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just two indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3.00/month or $30.00/year) and get exclusive features!

Become Premium

Too expensive? Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal Become our Patreon

Thank you for your support!