Siboniso KaMabaso Profile picture
I’m a Ntungwa Nguni under the Zulu Kingdom/Nation: Ngingu-Mntungwa uNdabezitha ijongo likaMbulazi. 📧mabaso.fortune20@gmail.com
2 subscribers
Jul 31 6 tweets 2 min read
UMASKANDI:

Ekuqaleni before uMaskandi ubizwe ngoMaskandi kwakuthiwa uMgadayi igama leli elaqanjwa umuntu owaqala okwakuyinsizwa yase Zimbabwe igama lakhe kwakungu Josaya Hadebe, wafika la eSouth Africa wadlala uMgandayi eMahostela eGoli esuka nawo eZimbabwe, amaZulu akithi
Image ow'baba emahostela bathi uMas'gandi from the word mgandayi cos babethi "bayagandaya” uma sebedlala bedlalelwa uJosaya so ke igama elithi Maskandi igama elasuselwa egameni lesiBhunu elithi Musikant elisho ukuthi a “musician” ngesiLungu, base bethi ow'babamkhulu bakithi KwaZulu
Jun 19 4 tweets 2 min read
UKUBIYA UMFAZI:

majongo nayi induku yokubiya umuzi wakini. . .

1. Delunina.
2. Bhekamina.
3. Ncamashela.
4. Wozakimi.
5. Ilanda.
6. Inhloni.

Ungathi uthi unomfazi but umfazi wakho unama crush uhalela amanye amadoda worst case scenario ulala namanye amadoda abuye namaphunga

Image
Image
Image
angaphandle azongcolisa umsamo wakini nawe uqobo okudlula lapho uzwe umuntu esethi uyadivosa afake umkhokha oyoba owezizukulwana kini majongo uma umfazi umbiyile ukhuluma igama elilodwa uthi ngoba ngiganile lay’khaya angisokuphinda ngigane even noma ungadlula emhlabeni ahlale
Apr 29 5 tweets 2 min read
AWUBAMBE LANAKE SIZWE:

okokukhuluma isiZulu soqobo sokubona kusasa okwamanje ngicela usikhanyisele la let me take you up on the ukuhlaba part...

1. Ihlatshwa kanjani impahla yomgcwabo.
2. Ihlatshwa kanjani eyomsebenzi wesihle?
3. ikhishwa kanjani insonyama?
4. Ihlukaniswa...



Image
Image
Image
Image
kanjani inyama ngokwey'gaba zabantu ekhaya?
5. Ubizwa ngaliphi igama umese ohlaba iy'mpahla zekhaya?
6. Iyiphi inyama engaphumi nangebhadi ekhaya uma kuhlatshiwe?
7. Iziphi iy'cubu ey'gqitshwayo uma kuqedwa ukuhlinzwa ezingangeni kwagogo?
8. Umuntu onelungelo lokuwisa impahla...
Apr 18 13 tweets 3 min read
UKUCELA VS UKULOBOLA:

no it's two different things....

ukucela isihlobo esihle ukwenza nje ugaya utshwala ukhanjana nje isicathulo sasemsamo bese uthatha lemali enizohamba niyocela ngayo isihlobo esihle uye nayo emsamo ufike ushise impepho ubikele amakhehla nezakulazi zomuzi
Image ukuthi usufuna ukwandisa umuzi wabo ufike ubike ukuthi sewufuna ukuganwa ngakhoke nazi izinkomo oyobacelela ngazo umalokazana bese leyomali uyilalisa emsamo that night endlini yangendla hhayi kwagogo, its important ukuthi lomuntu oshisa impepho ekhaya uma ebika asho ukuthi...
Apr 10 5 tweets 1 min read
ILAWU VS KWASOKHAYA:

"ndoda igcine ihlanzekile indlu yakho ukuze amakhehla angacanuki ukuzwa kuwe ngamaphupho"

1. ilawu indlu oyakhela umakoti kube ikamelo lakhe.
2. kwasokhaya kuba indlu yakho mnomzane womuzi ozakhela yona eba ikamelo lakho.

majongo sengiyabona manje ngoba.. Image sengikhulile ukuthi kungani ow'baba now'mkhulu babakha indlu ebizwa ngelawu specifically okuba yindlu kamama la enimbathela khona nomama bese uyohlala nomama elawini lakhe leloviki nize ngiqede ukwembatha uzothi ungaqeda bese ubuyela endlini yakho kwasokhaya ufike uzihlanze bese
Mar 31 5 tweets 1 min read
LAST PART YOKUBIKA UMUZI:

uma kushona ilanga ube usecela ibandla ukuba ucela bahambe manje abantu kusale abekhaya bese uhlanganisa lenduku uqinise umuzi uphinde uwucuphe cause if u don't do this easily abathakathi bazokuphendulela idlozi uhlupheke ube inqaba so ke la usuke... Image ucupha umsamo ukuba ungathintwa muntu

1. Umese ohlabayo.
2. Iy'pikili ey'ntathu.
3. amahlala awu 4.
4. Amafutha omhlaba.
5. Amafutha esithole semvubu.

Ayke uma usuwenzenjalo akekho ozosondela emsamo wakho ozamayo ziphenduka zikhale kuye nina imizi yenu ayibethelwe ayicushiwe..
Mar 5 6 tweets 2 min read
UYINI UMENDO:

enough time has passed I'm breaking my silence...

u Enhle before getting married to u Black Coffee she should have known ukuthi awungeni emshadweni ngama feelings cause ama feelings ahamba ahambe aphele naturally or ngokwezimo but umendo awupheli she should have
Image
Image
known ukuthi emendweni ungena ngesinqumo ozithathela wena sona ukuthi ngiyohlala kukuhle kukubi ukuthi uMaphumulo ubezalisa ngaphandle that's not new that is something eyenzeka every single day whether niyathanda or anithandi leyonto indala kakhuku futhi iyohlezi ikhona ayikho..
Mar 1 4 tweets 2 min read
UKUBIYA UMFAZI:

1. Inhloni.
2. Ilanda.
3. Inyengelezi.
4. Umganu.
5. Umtholo.
6. Ukhozi.
7. Ibhubesi lensikazi.
8. UMabopha.
9. Umfinyezi.
10. Unukani.
11. Igobandlovu.
12. Umbune.
13. Intamo yofudu.
14. Umunyu.

Majongo uyabiywa umfazi not unless wena owakini umuzi...

Image
Image
uwakha nge loyalty nange communication qhubekake mkhufefe wakhe umuzi woyihlomkhulu ngemimoya nangezandla zakweminye imizi ngoba uhlakaniphe phela wena ukudlula ow'yihlomkhulu cause bona babazi why uma bethi uyabiywa umfazi yikho nidivosa nje yikho abafazi benu benama crush kodwa
Feb 15 9 tweets 2 min read
ISIJULA:

Majongo nasi isijula ngiqeda ukusibaza yekani ukuhlaba iy'mpahla zow'babamkhulu ngama okapi impahla ihlatshwa ngomkhonto weSintu isijula lo eniwubona la nenza umathanda uma nithi nenza imsebenzi emakini bese ingamukeleki imsebenzi yenu kubaNtu abadala emsamo bese nithi Image siyahlaba kodwa ay'buyi iy'mpendulo kunalokho kuvele kube worse kuzoba worse vele cause basuke benishaya ukuthi anenzi izinto ngoSiko lweSintu zizobuya kanjani iy'mpendulo nibe nenza ama party emzini yamakhehla nithi nibenzela imsebenzi kodwa nihlaba iy'mpahla zabo ngama okabi
Feb 14 5 tweets 2 min read
UMBEKA:

Kuba umsebenzi wokugcina usokhaya akawenzela unkosikazi wakhe uma esewakhile umuzi wamakhehla, umbeka kuba ilenkomo esala emzini uma kulotsholwa eyenza umakoti abe idlozi elihle ekhaya umbeka ke majongo uyandlalelwa kanje uyahamba uyobika ekhweni ukuthi usucabanga...


Image
Image
Image
Image
ukwenzela umakoti umbeka so that nabo bezogaya kabahlabi kodwa bona kuhlatshwa emzini kuphela inkomo esuke indlalelwe ngembuzi nangenkomo yalay'khaya before kuhlatshwe umbeka cause abantu basemzini abahlanganyeli esithebeni esisodwa nabasekhweni kumele bahlukane yingakhoke kumele
Feb 9 6 tweets 1 min read
ZULU STARS:

1. indonsa >> ilenkanyezi ebizwa ngokuthi indonsakusa, ngoba iyona ephuma kuqala ngaphambi kokuthi kuphume ezinye izinkanyezi, iphuma ekuseni kusemnyama kuze kuse isabonakala.

2. indonsabusuku >>> ilenkanyezi ephuma phakathi nobusuku ikhanya ngobukhulu inombala... Image obonvu.

3. ikhwezi >>> ilenkanyezi enkulu edle ngokukhanya kakhulu, lena inkanyezi yesibili ukuphuma ekuseni, ilandela indonsabusuku.

4. umthala >>> kuba izinkanyezi eziba ziningi ndawonye zibe uxhaxha, zigqama kakhulu ehlobo kanti futhi ziyayishintsha nendawo ezimekuyo e.g uma
Feb 5 12 tweets 3 min read
UKUPHEHLA IY'KHUNI + UKWEHLISA AMATHUNZI:

first things first majongo let's get one thing clear uma ubiya umkakho usuke ungathakathi but usuke uvikela ifa low'yihlomkhulu igugu lakwenu umsamo wakini like this...

1. ukwehlisa amathunzi lomsebenzi wenzelwa umuntu ogane esengeyona

Image
Image
intombi nto kusuke kususwa ama soul ties or ukususa imimoya yamadoda onke asake walala nawo before meeting you lento yenziwa kubo ngembuzi eyaye ihambisane nenkomo yomncamo wakhe few days before ezophuma akhishwe kubo ayogana cos akumele angene kuloyamsamo wasemzini nalamaphunga
Jan 31 4 tweets 1 min read
INKOMO:

Iyahlonishwa inkomo kithi thina Ndlu eNsundu ngoba ingukuphila kwethu siphila sifile e.g

1. umuntu uma egana eganwa kusetshenziswa inkomo.
2. uma umuntu esehamba uphelekezelwa ngenkomo.
3. indlu ebaluleke kakhulu ekhaya nenkulu ukuzedlula zonke isibaya sezinkomo la...
Image abahlala khona abantu abadala.
4. izicubu zenyama yenkomo e.g umhlwehle zikwazi uku controller imizwa yomuntu further more inhloko, isifuba, impundulu, umswane ugeza umuntu ekhaya, umhlubulo ukhipha isithebe, ubhedu lukhipha iy'ngqwele zakusasa, inyongo yenkomo igeza imsamo ...
Jan 14 4 tweets 1 min read
UKUBETHELA UMUZI:

1. Amathumbu alenyoni itwana.
2: Isitele sesambana.
3. Ikhanda lofudu.
4. Amafutha emvubu.
5. isihlahla somhluhluwe.
6. iy’dladla zensele.

umik’sa from 1 to 4 bese ucijisa iziqwana zomhluhluwe zibe ngangomunwe wakho uzicijise phaambili ugubhe imigodi on all..
Image
Image
4 corners emzini wakho ukupulute sekuhlangene from 1 to 4 ufake emgodini umhluhluwe ubheke phezulu ugqibe kanjalo nasesangwni uvala wes’khonkwane lo umthakathi uthatha intombo ay’khunge or umambe oqotsheni I’m sure y’all have seen that before? Loyomuzi usuke ucushwe wabethelwa…
Nov 5, 2023 4 tweets 1 min read
UMPHIPHA:

Majongo nina ebengikhuluma nani kuwatsap nayike lenduku ebenginitshela ngayo uvalake lo bafana bami la kuvuka ixhegu elidala libe ibhungu into enhle ngalenduku ukuthi ifike ibulale onke lama bacteria asakhela emaqolo enu e.g umncane ungaka kodwa uthi uma uhlala phansi Image bese kuthi qhiyama ngento akusahlaleki uqonde nje straight as ijongo angeke ume 10 minutes then uzwa sengathi usukhathele sekuthi hlala phansi asambeni siye kuwatsap ngiyonitshela ukuthi leyonto yenziwa yini angisaphathike nkosiyami okwendukwana yakho uyabona nje ukuthi. . .
May 22, 2023 5 tweets 2 min read
UMDLIWA:

umdliwa kuba idlozi elibi ekhaya elifika lembatha umuntu or umuzi wonke ngenhloso yokukumoshela impilo yakho or ukuphila kwaloyomuzi, imdliwa kuba ilababantu abahamba emhlabeni benza izinto ezimbi that is why umuntu onjalo engafakwa ekhaya cause ubuya azoqhubeka. . . Image nemisebenzi yakhe emibi, imdliwa kuba ilababantu abahamba be e.g. . .

1. ethakatha.
2. ebulala.
3. efeba.
4. ephinga.
5. akashadanga.
6. edakwa utshwala.

kumele likhishweke lelodlozi ekhaya cos uma lingakhishwa kugcina kuvalwe ngehlahla ngempela kuloyomuzi empilweni yakho. . .
Jan 3, 2023 5 tweets 1 min read
IMPAHLA YOMSEBENZI:

Just a reminder, bafwethu impahla yomsebenzi ayihlatshwa same day idliwe same day, cha Zulu omuhle asikuqonde lokhu maNguni amnyama ukuthi uma umsebenzi uzoba ngakusasa impahla yomsebenzi iwiswa namhlanje meaning ihlatshwa namhlanje ilale bese kuvukwa. . . Image ngakusasa ifakwe ey’mbizeni kuw’ma iphekwa izodliwa namhlanje ngosuku lomsebenzi ibe yona ihlatshwe ngay’zolo yalala ises’khunjeni, okunye futhi okuzomele nikuqikelele nokuqonde ukuthi impahla eba umhlatshelo womsebenzi ayibi. . .

1. Insikazi.
2. Inkunzi.
Dec 20, 2022 6 tweets 2 min read
IZINDLU EZIBALULEKILE EKHAYA:

Majongo uma wakha umuzi wakwenu, loyomuzi usuke ungawakhile uma ungezukwakha lezizindlu engizozibala la ngezansi ey'baluleke kakhulu, ziba zine and lezizindlu kumele zibe ow'rondo now'guqa bese indlu nendlu ime yodwa la okufanele ukuba ibekwe. . . khona accordingly based on a person position ekhaya.

1. KwaKhokho, indlu le kaMninis'bongo e.g uMabaso wokuqala ngqa indlu yesende lakwaMabaso lensizwa ezala bonke abantu bakwaMabaso, uMabaso wokuqala ngqa lo sonke abantu bakwaMabaso esibizwa ngaye, idlozi elikhulu lomuzi leli
Dec 18, 2022 5 tweets 1 min read
UKUZALWA WEMBETHE:

uma uzalwe wembethe usuke umbethe isipho esithile osuke usiphiwe abakini okuba isipho okumele uphile ngaso, ziyehlukake iziphiwo umuntu aphiwa zona ngabakubo noMvelinqngi, kuyehlukake ukuphiwa kwezipho. . . Image kuba nezigaba ezinthathu.

1. “UKUZALWA UNQWAMBILE”

(A) umuntu ozalwa enqwabile uhlobo lomuntu osuke enikwe isiphiwo esiphathelene nesokusiza abantu e.g. . .
(B) uMthandazi.
(C) Isangoma.
(D) Inyanga. . .
Nov 22, 2022 5 tweets 1 min read
LADIES:

bodadewethu I don’t know what you going to do with this information but I'm gonna tell ya'll anyway so its up to you what you are going do with it. . .

1. uma ungakalotsholwa uma unika isoka lakho ukudla or umuntu ongakaganwa. . .

1(a) awuguqi phansi. . . 2(b) awukhophozeli.
3(c) awukumbhozi.
4(d) awumceli ukuba nakhu ukudla ucela adle.

2. awuhlali ecansini lekhwani uma ungakalotsholwa, uhlala ecansini lekhwani after umgcagco wakho emveni kokuba ususine ngalo esigcawini leli osuke uliphethe okuba isicephu sekhwanu nesinqindi. . .
Nov 21, 2022 8 tweets 2 min read
UMKHEHLO:

umkhehlo umsebenzi owenzelwa intombazane uma isilotsholwe yaqedwa, lomsebenzi iwenzelwa umnyeni wayo uma iseyintombi nto uma isalimala iwenzelwa uyise wayo.

1. Uma ikhehlwa uyise, inkomo yomkhehlo isuke kungeyakubo.
2. Uma ikhehlwa umnyeni wayo ilethwa yibo. . . abakwamkhenyana.

TAKE NOTE: uma ekhehlwa umnyeni wakhe umhlwehlwe akangeni nawo ekhaya but usala ngaphandle, uma ekhehlwa uyise ovias loyomhlwehlwe usuke ungowakubo so uyathathwa uyogcinwa endlini yaley'khaya okuba yindlu yamagugu abantu benza iphutha uma benza umkhehlo ngosuku