Ukuzalwa wembethe: (Ingubo)

• Kithi thina sizwe esimnyama kunesimo lapho ingane izalwe yembethe. Kungaba eyakwaZulu, kwaXhosa, kwaNdebele, kwaNgwane njalo njalo. Le ngane izalwa yembethe into esamhlwehlwe enamafutha, leyo ngane iyingane yenhlanhla. Le ngane iyigugu labaphansi.
Le ngane idinga nje ukunakelelwa okuhlukileyo, kungenzeka ukuthi izalwe nomoya wamaNdiki namaNdwawe. Ingane ephiwe umsebenzi abaphansi. Izoba isicebi iphiwe isipho esikhulu. Ingane ekhethekile lena, eyehlukile kwezinye izingane.

Uthi engabeletha owesiMame, labo abamubelethisayo
bahlukanise lo ngubo nomzanyama. (Umzanyana ilokhu ingane ezalwa isongwe kahle ngakho, enkomeni kuthiwa umhlapho). Le ngubo iyaqashelwa (yonyiswe) ngoba iyimpilo yale ngane . Kuyaye kuhlatshwe imbuzi emhlophe qwa, kubongwe oGogo noMkhulu ngesipho esihle abathe basipha
lomndeni (waleyo ngane). Uma ingane ezalwe yembethe igula kuyaye kushiswe impepho emsamo kufakwe kancane le ngubo yakhe.

Esikhathini esiningi uGogo wengane uyayiqotha nxa seyomile ayibeke kahle.
Ukuyandisa nje kuyaye kuthathwe umhlwehlwe wembuzi ayihlatshelwa uxutshwe nalona wengane ukuze phela umgcine impilo yakhe yonke lo mntwana. Uma sekwenzeka usuya ngasekupheleni kuyaye kubulawe enye futhi imbuzi emhlophe, nayo umhlwehlwe wayo uxutshwa nalona nengubo yengane.
Kuyacaxa ukuthi empilweni yale ngane ziba ningi nyana impela izimbuzi ezihlatshwayo, imvamisa ayibi yodwa. Lo mntwana ufana nse newele. Ubuthaka njengewele ikakhulukazi emimoyeni
Lo mntwana noma esuka ekhaya eyosebenza ushiselwa yona le ngubo. Uma kungenjalo angawufuna aze
abuye engawutholanga umsebenzi. Eqinisweni uphathiswa okumuntu onamaNdiki namaNdawe ngoba yonke into yakhe iyabikwa.
Uma le ngane kuyingane yentombazane, kuyabikwa uma isiyogana. Yenzelwa umsebenzi kuhlatshwe imbuzi emhlophe kubikwe koKhokho bayo ukuthi ingane isiyahamba.
Kungenjalo angeke iwuthokozele umendo kuyoba kubi impela, mhlawumbe kuvaleke nenzalo.
Uma ingane ibelethelwe esibhedlela labo abasuke bephelezela lowo uzobeletha kudingeka ukuthi bawucele umcebo (ingubo) yengane baye nayo ekhaya.

Kukhona abathi oNesi bayayeba le ngubo bayidayise
izinyanga. Uma kwenzekile lokho kuyaye kube nomsebenzi owenziwayo wokushweleza nokubika emsamo kwabadala ngengubo yengane elahlekile. Kuhlatshwa imbuzi emhlophe qwa bese kubekwa lo mhlwehlwe waleyombuzi bese umela ingubo yengane le eyalahleka.
Izimpawu enganeni eyazalwa yembethe kuba amaphupho amahle. Iphupha imvu emhlophe qwa, nokuyiphupho elibika enkulu inhlanhla. Okunye kuba ukubona izinto ezingabonwa abanye abantu abajwayelekile, njengokubona iNkosazana yamanzi, ukubona impunzi izala emini bedade. Uma konke
kwenziwe kahle, le ngane iceba kakhulu ngendlela eyisimanga. Abantu baze bathi inomuthi kanti cha yazalwa yembethe.

Njengoba sekwatetelwa ezibhedlela nje sekuyenzeka uzalwe wembethe kepha abazali bakho begcine bengazanga ngoba abanye omama besimanje babuye bangaznaki lezi zinto.
Ikhule ingane ingazi lutho nize nazi ingane isindala.
• Kwenziwa njani ke uma senazi? Silungiswa kanjani pho lesi simo?

(Sengileve kakhu baklezi abahle ngakhoke lesi sekuyoba isihloko sangelinye ilanga.. ngiyabonga!)

• • •

Missing some Tweet in this thread? You can try to force a refresh
 

Keep Current with Sikleza KweleGuqa

Sikleza KweleGuqa Profile picture

Stay in touch and get notified when new unrolls are available from this author!

Read all threads

This Thread may be Removed Anytime!

PDF

Twitter may remove this content at anytime! Save it as PDF for later use!

Try unrolling a thread yourself!

how to unroll video
  1. Follow @ThreadReaderApp to mention us!

  2. From a Twitter thread mention us with a keyword "unroll"
@threadreaderapp unroll

Practice here first or read more on our help page!

More from @IsintuSakithi

Oct 15, 2020
Ungihlinzela ezibini:

• Yini ukuhlinzela umuntu ezibini?
- Ukuhlinzela umuntu ezibini ukumenzela phansi, ukumhlambalaza ungcolise igama lakhe, wenze abantu bemazi noma bembheke kabi njengomuntu omubi, ukumcekela phansi nje.

• Sisuselwa kuphi lesi sisho?
- Wangihlinzela
ezibini "okwengcuba". Lesi sisho sisuselwe lapha kwi-ngcuba inkomo ezifele. Phela endulo kwakukhonjwa ngophakathi ngakhoke yayingalokothwa nje inyama ingcuba. Kepha kwakwenzeka ukuthi umnumzane uma ethande isikhumba senkomo yakhe le esanda kuzifela ebese ecela kubafana ukuba
bamhlinzele isikhumba bese belahla ke ingcuba. Njengoba inyama yengcuba yayingadliwa ke abafana babehlinza nje benganaki ngoba babenganandaba naleyonyama ukuthi iwela phansi ezibini iyangcola noma yenzekani. Bona nje babezifunela isikhumba lesi abathunywe sona kuphela. Ngamanye
Read 4 tweets
Oct 6, 2020
Ingqungqulu:

• Lena yinyoni eyesabekayo ecishe ifane nokhozi olukhulu kodwa yona igabe ngesithunzi sayo. Uma uthuke wayelamela mhlawumbe uyoshela sale usubuyela emuva ngoba ibika impi hleze ufice izimbangi zakho phambili zikutitinye. Le nyoni ifana nokhozi kodwa ukhozi lude
yona inkulu futhi imfushanyana njengoba siyibona lapha ngezansi. Lena yinyoni yempi, amakhosi amaningi abebizwa ngokuthi yizingqungqulu. Uma ike yadabula udwendwe kusuke kuzoliwa nakanjani, kufanele abantu bacije impela balindele impi. Angiphathi khona uma ike yashaya amaphiko
kuzokonakala izwe nakanjani.

NoMvelinqangi ubizwa ngalo leli gama kwenye inkathi ngoba uyena oshaya amaphiko kuzo zonke izidalwa ezingaphansi komthunzi welanga! Ingqungqulu iyakwazi ukubamba ngisho nezinkukhu ezindala, inamehlo abukhali ikwazi ukubona into ephansi iphezulu bese
Read 6 tweets
Oct 6, 2020
Izinduku:

(Funda bese uphendula isivivinyo lapha ekugcineni)

•Endulo izinkomba zemigwaqo zingakabibikho kwakunzima kakhulu ukubona lapho uya khona. Omkhulu bethu babehamba amabanga amade ngezinyawo, kwesinye isikhathi baze balale nasendleleni. Uma kwenzeka behlwelwa endleleni
babehloma induku ibheke ngala beqhamuka khona, bazobe sebazike ukuthi baya ngakuphi uma bevuka entathakusa.

Umsebenzi wezinduku wabe umkhulu esizweni samaZulu njengesikompilo lwawo. Ukuhamba ungaphethe lutho uyindoda kwakulunjaniswa nobufazi. Umfana kwakumele aphathe okuthile
esandleni isagila, noma induku, okuchaza ukuthi angakwazi ukuphunga ngisho inyoka noma okuthile okufuna ukumlimaza. Abanye baze baziqambe namagama izinduku zabo bazethe nezibongo. Uma umfana eshaye inyoni ngesagila ubesibeka umaka kuhle kwezimpondo zomziki, uma uthatha leyonduku
Read 5 tweets
Sep 22, 2020
Isiphandla:

• Ngolwazi enginalo, isiphandla akulona isiko lakwaZulu kodwa umkhuba nje. Isiphandla asisho lutho noma asihlanganisi abaphansi nabaphilayo kodwa sikhombisa nje ukuthi bekubuswa kulowomuzi obekuhlatshwe kuwo. Lokhu kusho ukuthi indaba yesiphandla ihlukene kaningi,
ake ngizame ukuyihlahlela ngiyineke kahle!

Isiphandla lapho umuntu evakashile:
• Emandulo bekuthi uma umuntu ebuya kade enohambo okungaba ukuvakashela izihlobo noma umngani, ubethi uma efika lapho avakashele khona ahlatshelwe, lokho ”kwakubizwa ngokuthi ukuhlatshiswa”,
obekuba yimbuzi bese kuthi lesosivakashi sigqokiswe isiphandla njengophawu noma ubufakazi bokuthi cha lomuntu olapha esigodini sakithi yisihambi lesi kodwa uvumelekile ukuthi abe lapha kanye nathi. Ukugqoka kwesivakashi isiphandla kwakukhombisa ukuthi sasemukelekile lapho
Read 13 tweets
Sep 12, 2020
Isiko | Usiko | Isikompilo (kunomehluko bo)

• Isiko (olwesizwe): yinto eyenziwa yisizwe esithile sonke. Njengokulobola uthathe umfazi, thina kwaZulu. Indoda yomZulu ayimthathi umfazi ingavelile ekhweni ngokuncane. (Noma-ke ilobolo lanamuhla selaphendukezelwa, lingasenziwa Image
ngqo njengesiko lwakithi kwaZulu. Selaba samkhutshana nje nami engingasawuqondisisi kahle.)

• Usiko (olwezibongo): yinto eyenziwa isibongo/izibongo ezithile. Usiko lwakini angeke lufane nolwakithi. Isibongo nesibongo sinosiko lwaso, abanye bayagcaba, abanye banquma ucikicane,
njalonjalo.

• Isikompilo (olwezigodi): isigodi nesigodi sinendlela yaso yokwenza izinto, kepha kuyenzeka ludlulele lufane ezigodini ezahlukene ngenxa yokuthi umkhuba uma umuhle nabanye bayawuthanda bawuthathe bawuqhube ngakubo ugcine sewandile ezigodini eziningi. Kepha lokho
Read 4 tweets
Sep 9, 2020
Isiko lokucimela:

• KwaZulu intombi ngaphambi kokuba iyosina iyacimela. Ukucimela yisiko lokuvalelisa ekhaya nasezihlotsheni. Isiko lokuvalelisa intombazane ngaphambi kokuba iyogana. Umuntu oyogana uyihamba yonke imizi yawoyise ngokuhlobana kwabo, kodwa eqinisweni usuke
evalelisa kogogo nomkhulu abangasekho. Kuyo yonke le mizi kuyabikwa emsamo ngempepho kunxuswe kwabadala ukuba bahambe naye lomntwana oyogana. Kuyo yonke le mizi ubuya nenyongo efuthiwe, isifuba nomkhono uma ehlatshiswe imbuzi.

Ukuganisa intombazane akuwona umsebenzi kayise yedwa
kodwa kungumsebenzi wakhe kanye nabafowabo. Yingakho umuntu ecimela kuyo yonke imizi yakwabo afike ahlatshiswe, afakwe isiphandla, agcotshwe ngenyongo ukuze abaphansi bamkhothe, bamqinisele uhambo lasemendweni. Kuyo yonke le mizi uyahlatshiswa alale, avuke, abuyele ekhaya,
Read 9 tweets

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just two indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3/month or $30/year) and get exclusive features!

Become Premium

Don't want to be a Premium member but still want to support us?

Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal

Or Donate anonymously using crypto!

Ethereum

0xfe58350B80634f60Fa6Dc149a72b4DFbc17D341E copy

Bitcoin

3ATGMxNzCUFzxpMCHL5sWSt4DVtS8UqXpi copy

Thank you for your support!

Follow Us on Twitter!

:(