Isiko lokucimela:

• KwaZulu intombi ngaphambi kokuba iyosina iyacimela. Ukucimela yisiko lokuvalelisa ekhaya nasezihlotsheni. Isiko lokuvalelisa intombazane ngaphambi kokuba iyogana. Umuntu oyogana uyihamba yonke imizi yawoyise ngokuhlobana kwabo, kodwa eqinisweni usuke
evalelisa kogogo nomkhulu abangasekho. Kuyo yonke le mizi kuyabikwa emsamo ngempepho kunxuswe kwabadala ukuba bahambe naye lomntwana oyogana. Kuyo yonke le mizi ubuya nenyongo efuthiwe, isifuba nomkhono uma ehlatshiswe imbuzi.

Ukuganisa intombazane akuwona umsebenzi kayise yedwa
kodwa kungumsebenzi wakhe kanye nabafowabo. Yingakho umuntu ecimela kuyo yonke imizi yakwabo afike ahlatshiswe, afakwe isiphandla, agcotshwe ngenyongo ukuze abaphansi bamkhothe, bamqinisele uhambo lasemendweni. Kuyo yonke le mizi uyahlatshiswa alale, avuke, abuyele ekhaya,
aphinde ahambe njalonjalo. Izinyongo ziyafuthwa ahambe nazo kanye nenyama eyisipho abuyela nayo kwabo. Izinyongo uyozichoma esicholweni mhla esina. Lezi zinyongo zemindeni azifake esicholweni ziwuphawu lokuhlanganyela kwayo le mindeni futhi kunika isiqinisekiso sokuthi abaphansi
bacelwa ukuba bahambe naye lomntwana.

Ukucimela kuyisiko lamaZulu asagcina isizulu. Umntwana uqala koninalume ukucimela. Kufanele kucace ukuthi uqala kumalume wakhe ngoba nguyena umuntu ongumaqondana. Ngisho noma besaphila ogogo nomkhulu kodwa uyoqonda ngqo kuninalume wakhe.
Uthike angadlula kwamalume, usengayake emzini wawoyise emzini yomndeni wonke. Kuyo yonke le mizi uhamba ehlatshiswa izimbuzi noma izinkomo. Isitho esisemqoka YINYONGO yalezo zilwane abikwa ngazo kwabalele. Inyongo nenyama iyoba uphawu amukeleka ngalo emzini yawoyise. Umcimelo
wenziwa nasezihlotsheni.

Akubona bonke abantu abahlaba izimbuzi kodwa abanye bakhipha izipho, amacansi, izicephu, izinkamba, izichumo, izipontshi nanoma yini enhle abangamthokozisa ngayo umntwana bethi "inkonzo enhle" besho ukuthi useyobakhonzela emzini. Uma intombazane iyogana
isuke iyomela umndeni wakubo kulo mndeni omusha. Uma yenze kahle buba buhle ubuhlobo kodwa uma yenze kabi bubabubi nobuhlobo ebesebuqalekile.

Njengoba umntwana ehamba ecimela belu, engena imizi ngemizi akasahambi yedwa usehamba nempelesi yakhe. Uhamba nayo ngoba yiyo ezokhuluma,
yena akasakhulumi. Kwesatshwa umoya nokwedlula. Impelesi iyonake esizomsiza kulokhu kukhuluma kokuvalelisa....

*** Ngigeqa amagula ngiyemuka yini ***

• • •

Missing some Tweet in this thread? You can try to force a refresh
 

Keep Current with Sikleza KweleGuqa

Sikleza KweleGuqa Profile picture

Stay in touch and get notified when new unrolls are available from this author!

Read all threads

This Thread may be Removed Anytime!

PDF

Twitter may remove this content at anytime! Save it as PDF for later use!

Try unrolling a thread yourself!

how to unroll video
  1. Follow @ThreadReaderApp to mention us!

  2. From a Twitter thread mention us with a keyword "unroll"
@threadreaderapp unroll

Practice here first or read more on our help page!

More from @IsintuSakithi

5 Jun
Isiko lokusoka:

• Kwakulisiko lakwaZulu ukuba abafana basoke, kwakuyaye kuthathwe abafana bebanga elithile bahambe bayosokwa entabeni. Babehlala khonake kuze kuphole imitsha yabo. Umfana ongasokile wayebukelwa phansi, kuthiwe akandoda yalutho ngoba wesaba ukuya edwaleni lapho
kusokelwa khona. Leli siko namuhla sesilibona kwezinye izizwe, futhi zisaluhlonipha kakhulu kangangokuba ezinye izizwe azidli nakudla nje nomuntu ongasokile.

Isiko lokusoka kwaZulu laqedwa yiSilo uShaka umlomo ongathethi manga ecasulwa ukuthi abafana bahlala entabeni kuchitheke
isikhathi esiningi behlezi entabeni bepholisa imitsha yabo. Lokho kwakumphazamisa ezinhlelweni zakhe zempi. Yena wabona kungcono ukuba abafana bafunde ubudoda komkhulu ngesikhathi sokubuthwa kwezinsizwa. Endulo amaZulu ayeligcina leli siko lokusoka kusukela koKhulukhulwane. Leli
Read 8 tweets
2 Jun
Ukukhotha inkomo:

• Kunezinto okwakungamele kwasekuqaleni sizincele kwabaseNtshonalanga njengokwenza ucansi lokukhothana. Amanyala!!!

Uma uyinsizwa nje ehlanzekile ezithandayo awukwazi ukungena ngaphansi kowesimame kanje ukhothe konke ukuncola noketshezi lowesimame. Angifuni
nakuyikhuluma eyendoda noma ubaba womuzi!!! Indoda enjani ebanjwa umfazi ikhanda amcindezele kwimomozi.

Angeke ngigxile ekutheni ulithetha kanjani idlozi ngalowomlomo oncolile ngoba ngabe nginamanga uma ngingathi "kwiSintu akuvumelekile" cha asazi kepha okhokho babengakwenzi.
Futhi okhokho angiboni ukuthi ikhona into abangeyemukela kumnumzane ongazihloniphi oncolile. Elami ikhehla lathi ayikho into eliyoyemukela uma ngizokhuluma emsamo wasekhaya ngibe ngincolile. Lathi lokho kuyokhomba ukwedelela okukhulu kangangokuba liyongijezisa. Nami mhla ngadlula
Read 5 tweets
5 May
Inkolo Yesintu/yaseMandulo:

• Umvelinqangi wayekhona nasemandulo futhi indlu emnyama ibimazisa kakhulu ibibuhlonipha ubukhona nobukhulu bakhe. Emandulo wayengekho umuntu wasemhlabeni noma owake waphila emhlabeni obekhonzwa kuthiwe uthunywe nguMvelinqangi kepha okhokho
babexhumana noMvelinqangi ngqo. Yebo babekhona abantu abaneziphiwo ezahlukene futhi ezimangalisayo kepha abakaze bakhozwe nhlobo!

• Amandla okuphumelela kwendlu emnyama yabantu alahleka mhla kulahleka isikompilo eliyingcwele lokwenziwa komkhosi weNkatha. Njengoba inyanga
yokuqala unyaka emandulo kwakunguMandulo (September) lenyanga yelama inyanga kaNcwaba okuyinyanga yokulahla izono namagqubu nezinhlambuluko ukuze uma kufika uMandulo wonke umuntu abesesimeni esihle sokungena ngobungwele emkhosini weNkatha . Lendaba iqala emagcekeni emizi ngemizi
Read 19 tweets
3 May
Cha kuyathusa impela ukwanda kwesibalo sezinsizwa ezisencane ezithwele. Izinsizwa nje impela zama 80s zinqamulele impilo zikhethe ukuthwala 😳

Ngizwela nje lamantombazane azibiza ngama "slay queens" ngoba alala nezilwane zabo ubusuku bonke esedakwe utshwala. Intombazane ivuke
ekuseni ikhathele ifa, izitshele ukuthi iphethwe ibhabhalazi noma ikhathazwe ucasi lomlisa loyo kanti cha ibidliwa izilwane ubusuku bonke.

Iningi lalezinsizwa ezithwele ziphuza utshwala ezindaweni ezimba eqolo, ziphuzise abesimame zibaphe nemali. Uma kusukwa lapho bese kuyiwa
ezindlizi zabo zikanokusho.

Kumele uqaphele lokhu ke muntu wesimame:
• Insizwa ongayiqondi ukuthi iyenza kanjani imali kepha enemali eningi futhi eyixhaphazayo 🤘
• Insizwa ehlala yodwa endlini enkulu esilungwini, bese iba namakamela ekutshela ukuthi ungangeni kuwo 🤘
Read 7 tweets
3 May
UNomkhubulwana:

• UNomkhubulwana uyinkosazana, uyintombi yaseZulwini. Yena ucebisa abantu ngokudla, balime bavune kugcwale izinqolobane. Igama leNkosazane leyamaniswa nokulima "ukukhubula" ngekhuba. Abantu bakwaZulu babekujabulela kakhulu ukuzibonakalisa kweNkosazana ngoba
bayazi ukuthi basuke bezelwa unyaka kavunivila, bazodla kugcwale izinqolobane.

Uma izwe lihlaselwe umkhuhlane noma kuhlasele indlala nesomiso, abadala babesuke sebazi ukuthi kukhona into embi eyenziwe isizwe ngakhoke kufanele kuhlanganiswe izibonda zezwe, kuyoshwelezwa
kulamathongo, kwakubhekwa intaba ephakeme kuyiwe kuyo kuyokwenziwa umhlatshelo wokushweleza beseke siyaphela isomiso leso noma umkhuhlane, nendlala. Kwakukholwa ukuthi uNomkhubulwana unikeza abantu izivuno ezinhle, kube nenala kuphihlike ukudla emasimini.

Le Nkosazana yabe
Read 12 tweets
24 Apr
UKUSISELA:

• Isizwe samaZulu sidume ngokuba yisizwe esinobubele nezandla ezihlale zivulekile. Umuntu ongumZulu ubengasini ngethambo lomunye uma embona eswele, ehlwempu kepha ubeyaye afune izindlela zokumsiza. Uma kuwukuthi lowo oswele udlala umashayandawonye ngoba engenamfuyo,
omunye womphakathi ube esemsisela.

AmaZulu ayefihlana ngaleli siko ubuphofu bomunye ukuze bungabonakali. Kwakufana nokucela umfana ayokwelusa izinkomo komunye umuzi, ebese enikwa isisinga okuwukuthi imbuzi, noma inkomo ibisiyanda lempahla, naye abeseba nezinkomo noma nezimbuzi.
Uma usisela umuntu abungamniki inkomo eyodwa qwaba kepha ubumnika ezimbalwa ngoba inhloso yalelisiko ukuthi athole okuya ethunjini phecelezi amasi. Akulula ukuthola amasi ongondla ngawo umndeni wonke ngenkomo eyodwa.

Amasi ukudla okubalulekile nokuyisisekelo kumuntu ongumZulu.
Read 4 tweets

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just two indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3/month or $30/year) and get exclusive features!

Become Premium

Too expensive? Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal Become our Patreon

Thank you for your support!

Follow Us on Twitter!