Ungihlinzela ezibini:

• Yini ukuhlinzela umuntu ezibini?
- Ukuhlinzela umuntu ezibini ukumenzela phansi, ukumhlambalaza ungcolise igama lakhe, wenze abantu bemazi noma bembheke kabi njengomuntu omubi, ukumcekela phansi nje.

• Sisuselwa kuphi lesi sisho?
- Wangihlinzela
ezibini "okwengcuba". Lesi sisho sisuselwe lapha kwi-ngcuba inkomo ezifele. Phela endulo kwakukhonjwa ngophakathi ngakhoke yayingalokothwa nje inyama ingcuba. Kepha kwakwenzeka ukuthi umnumzane uma ethande isikhumba senkomo yakhe le esanda kuzifela ebese ecela kubafana ukuba
bamhlinzele isikhumba bese belahla ke ingcuba. Njengoba inyama yengcuba yayingadliwa ke abafana babehlinza nje benganaki ngoba babenganandaba naleyonyama ukuthi iwela phansi ezibini iyangcola noma yenzekani. Bona nje babezifunela isikhumba lesi abathunywe sona kuphela. Ngamanye
amazwi ingcuba into nje ehlinzelwa noma ikuphi ungayihlinzela phansi ezibini ingcole kungabi ndaba zalutho ngoba vele into engenamsebenzi nje, yilapho ke okwasunguleka khona lesi sisho.

👐 Sidlalisa usiba kuhlehle amavaka 👐

• • •

Missing some Tweet in this thread? You can try to force a refresh
 

Keep Current with Sikleza KweleGuqa

Sikleza KweleGuqa Profile picture

Stay in touch and get notified when new unrolls are available from this author!

Read all threads

This Thread may be Removed Anytime!

PDF

Twitter may remove this content at anytime! Save it as PDF for later use!

Try unrolling a thread yourself!

how to unroll video
  1. Follow @ThreadReaderApp to mention us!

  2. From a Twitter thread mention us with a keyword "unroll"
@threadreaderapp unroll

Practice here first or read more on our help page!

More from @IsintuSakithi

6 Oct
Ingqungqulu:

• Lena yinyoni eyesabekayo ecishe ifane nokhozi olukhulu kodwa yona igabe ngesithunzi sayo. Uma uthuke wayelamela mhlawumbe uyoshela sale usubuyela emuva ngoba ibika impi hleze ufice izimbangi zakho phambili zikutitinye. Le nyoni ifana nokhozi kodwa ukhozi lude
yona inkulu futhi imfushanyana njengoba siyibona lapha ngezansi. Lena yinyoni yempi, amakhosi amaningi abebizwa ngokuthi yizingqungqulu. Uma ike yadabula udwendwe kusuke kuzoliwa nakanjani, kufanele abantu bacije impela balindele impi. Angiphathi khona uma ike yashaya amaphiko
kuzokonakala izwe nakanjani.

NoMvelinqangi ubizwa ngalo leli gama kwenye inkathi ngoba uyena oshaya amaphiko kuzo zonke izidalwa ezingaphansi komthunzi welanga! Ingqungqulu iyakwazi ukubamba ngisho nezinkukhu ezindala, inamehlo abukhali ikwazi ukubona into ephansi iphezulu bese
Read 6 tweets
6 Oct
Izinduku:

(Funda bese uphendula isivivinyo lapha ekugcineni)

•Endulo izinkomba zemigwaqo zingakabibikho kwakunzima kakhulu ukubona lapho uya khona. Omkhulu bethu babehamba amabanga amade ngezinyawo, kwesinye isikhathi baze balale nasendleleni. Uma kwenzeka behlwelwa endleleni
babehloma induku ibheke ngala beqhamuka khona, bazobe sebazike ukuthi baya ngakuphi uma bevuka entathakusa.

Umsebenzi wezinduku wabe umkhulu esizweni samaZulu njengesikompilo lwawo. Ukuhamba ungaphethe lutho uyindoda kwakulunjaniswa nobufazi. Umfana kwakumele aphathe okuthile
esandleni isagila, noma induku, okuchaza ukuthi angakwazi ukuphunga ngisho inyoka noma okuthile okufuna ukumlimaza. Abanye baze baziqambe namagama izinduku zabo bazethe nezibongo. Uma umfana eshaye inyoni ngesagila ubesibeka umaka kuhle kwezimpondo zomziki, uma uthatha leyonduku
Read 5 tweets
22 Sep
Isiphandla:

• Ngolwazi enginalo, isiphandla akulona isiko lakwaZulu kodwa umkhuba nje. Isiphandla asisho lutho noma asihlanganisi abaphansi nabaphilayo kodwa sikhombisa nje ukuthi bekubuswa kulowomuzi obekuhlatshwe kuwo. Lokhu kusho ukuthi indaba yesiphandla ihlukene kaningi,
ake ngizame ukuyihlahlela ngiyineke kahle!

Isiphandla lapho umuntu evakashile:
• Emandulo bekuthi uma umuntu ebuya kade enohambo okungaba ukuvakashela izihlobo noma umngani, ubethi uma efika lapho avakashele khona ahlatshelwe, lokho ”kwakubizwa ngokuthi ukuhlatshiswa”,
obekuba yimbuzi bese kuthi lesosivakashi sigqokiswe isiphandla njengophawu noma ubufakazi bokuthi cha lomuntu olapha esigodini sakithi yisihambi lesi kodwa uvumelekile ukuthi abe lapha kanye nathi. Ukugqoka kwesivakashi isiphandla kwakukhombisa ukuthi sasemukelekile lapho
Read 13 tweets
12 Sep
Isiko | Usiko | Isikompilo (kunomehluko bo)

• Isiko (olwesizwe): yinto eyenziwa yisizwe esithile sonke. Njengokulobola uthathe umfazi, thina kwaZulu. Indoda yomZulu ayimthathi umfazi ingavelile ekhweni ngokuncane. (Noma-ke ilobolo lanamuhla selaphendukezelwa, lingasenziwa Image
ngqo njengesiko lwakithi kwaZulu. Selaba samkhutshana nje nami engingasawuqondisisi kahle.)

• Usiko (olwezibongo): yinto eyenziwa isibongo/izibongo ezithile. Usiko lwakini angeke lufane nolwakithi. Isibongo nesibongo sinosiko lwaso, abanye bayagcaba, abanye banquma ucikicane,
njalonjalo.

• Isikompilo (olwezigodi): isigodi nesigodi sinendlela yaso yokwenza izinto, kepha kuyenzeka ludlulele lufane ezigodini ezahlukene ngenxa yokuthi umkhuba uma umuhle nabanye bayawuthanda bawuthathe bawuqhube ngakubo ugcine sewandile ezigodini eziningi. Kepha lokho
Read 4 tweets
9 Sep
Isiko lokucimela:

• KwaZulu intombi ngaphambi kokuba iyosina iyacimela. Ukucimela yisiko lokuvalelisa ekhaya nasezihlotsheni. Isiko lokuvalelisa intombazane ngaphambi kokuba iyogana. Umuntu oyogana uyihamba yonke imizi yawoyise ngokuhlobana kwabo, kodwa eqinisweni usuke
evalelisa kogogo nomkhulu abangasekho. Kuyo yonke le mizi kuyabikwa emsamo ngempepho kunxuswe kwabadala ukuba bahambe naye lomntwana oyogana. Kuyo yonke le mizi ubuya nenyongo efuthiwe, isifuba nomkhono uma ehlatshiswe imbuzi.

Ukuganisa intombazane akuwona umsebenzi kayise yedwa
kodwa kungumsebenzi wakhe kanye nabafowabo. Yingakho umuntu ecimela kuyo yonke imizi yakwabo afike ahlatshiswe, afakwe isiphandla, agcotshwe ngenyongo ukuze abaphansi bamkhothe, bamqinisele uhambo lasemendweni. Kuyo yonke le mizi uyahlatshiswa alale, avuke, abuyele ekhaya,
Read 9 tweets
16 Aug
Ukushaya indlwabu:

• Sithini isintu ngokushaya indlwabu? Ngizamile ukuphenya phenya kepha akukho okutheni okushiwo yisintu ngomkhuba wokushaya indlwabu. Kepha kukhona okuncane engikutholile.

Emandulo indlwabu kwakungumkhuba wabafanyana abancane futhi babengafihli babeyishaya Image
nje bebonke ekwaluseni bejabulele lemizwa emisha esebeyizwa. Bebeqala baqaphele uma bevuka ekuseni sebenesidoda (emuva kwesidudla somoya). Kwakuthi uma izingqwele zabo zezikuqaphelile lokho bese sibahlalisa phansi zibafundisa ngalemizwa, zibafundise kabanzi ukuthi ngabe lokhu
kusho ukuthini. Insizwa uma isifike kulesi sigaba ibiqeqeshwa ukuba yazi ukuthi isikhulile isingawuvusa umuzi kababa wayo. Nizokhumbula ukuthi kudala umuntu wesifazane ubengalali nomfana bengashadile, futhi kunokudla abebekugwema uma bengakagani ukuze ingamfikeli imizwa
Read 11 tweets

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just two indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3/month or $30/year) and get exclusive features!

Become Premium

Too expensive? Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal Become our Patreon

Thank you for your support!

Follow Us on Twitter!