Kulesi sikhathi samanje isiminingi imilanjwana, futhi lesi simo sesihluphe abaningi kakhulu futhi sisazohlupha abaningi impela.
Uma ungumlanjwana:
• Musa ukuvele uye kuyihlo/kubaba wakho engasilungisile lesi simo ngoba uzoba nezinkinga.
• Iqiniso elibuhlungu wukuthi amacala abazali bakho ayokwehlela kuwe uthanda ungathandi.
• Ingane yomfana imele ukuqhubeka kwesibongo sikayise.
• Ingane yentombazane yona vele imele noma idalelwe ukuvusa imizi yamanye amadoda, uma uyise engakhiphanga lutho abakomalume wayo bayakwazi ukuyenzela konke beze beyishadise, mase bethethelela idlozi besho
Sisilungisa kanjani lesi simo?
• Angiqale la: uma lento yokuba ngumlanjwana ikuhlupha noma ufisa ngampela ukuyilungisa, kumele abakomalume becabangele wena bebeke wena phambili bese
1. Uma abasekhaya koyihlo bekwamukela futhi befisa ukulungisa isimo kepha benganawo amandla, hleze nobaba usashona. Kumele abakomalume bebeke wena phambili kuxoxiswane.
2. Yazi ngisho inkomo iyinye bengayibiza R100 uma nje beshise
3. Ngakhoke sebengakhokha konke, bese kuchazwa emsamo ukuthi "le yinkomo yani yani" besho bona layo R100 or R200 nje.
4. Sekuyohlatshwa imbuzi yomncamo/ukuvalelisa komalume wakho kuchazwe ukuthi abakini bakhokhe konke
5. Mufika kini kubo kababa esangweni uyomukelwa ngembuzi, kuchazwe ukuba uzalwa ngubani futhi ukhokhelwe akukho sikwenetu.
• Kuyobe sekuphelile nje kanjalo. Okubalulekile lana: 1. ukuxoxisana nibe moya munye
(Kona akwehli kahle komalume ume kwenziwe kanjena kepha kusuke kucatshangelwa ingane le ewumlanjwana)
#Ngibonge #IsintuSakithi #FakaEmgodleni