My Authors
Read all threads
NGEMINYAKA YOMA 1800s:

indoda ibithi uma ikhuluma eMzini wayo, ibikhuluma ngezwi kuphela, esibayeni, isibaya besiwuMgogodla womuzi, futhi sihlonishwa kakhulu, bekuthi uma kunezinkinga ezihlasele ikhaya, bekuyiwa esibayeni nakhona bekungayi noma ngabe ubani...
...namaKhosi ebethi uma ezokhuluma, ebesebenzisa sona isibaya, kwazise ukuthi iDlozi elikhulu eliqaphe umuzi weNdoda liba sesibayeni lapho okuhlala khona izinkomo, amaKhosi nezingwevu kuqala bezingayishunqisi nhlobo iMpepho isibonelo...
...ngemuva kokuba amaNgisi esesishisile isiGodlo sasoNdini, ayeselungiselele ukuthatha iNkosi uCetshwayo ayise le kwelamaNgisi, ngesizathu sokuthi Indlovukazi yamaNgisi yayifuna ukumbona uCetshwayo, yathi inkosi uma isisemkhunjini sekumele uhambe, azange uze uvume...
..yabe isithi icela ukubuyela emuva ekhaya iyobika isho ukuthi isiyahambha, abuza amaNgisi athi uzoyaphi ngoba awusekho umuzi ushile, yaphendula iNkosi yathi cha, ngizoya esibayeni Ngiyokhuluma, nangempela kwaba njalo, engifuna ukukuveza kahle hle wukuthi...
ukushunqiswa kweMpepho kufike kamuva ngeminyaka yoma 1900s, kufika nezangoma, kodwa futhi, ibisetshenziswa njengawowonke amaKhambhi okwelapha..lokhu osekwabizwa ngoMsam' wasekhaya namhlanje, lapha kulendlu okuthiwa eyakwaGogo, abantu ababephila ngeminyaka yoma 1800s babengenakho
...ngesikhathi besahlala emaQhugwaneni abo, kodwa indlu yakwaGogo ibiba khona (ikhishi), leyondlu ibihlala izitsha zomuzi ebezingasetshenziswa noma ngabe ubani, bekungeyona indawo yokukhuluma nedlozi njengoba sekwenziwa namhlanje cishe kuzo zonke izinhlanga zabansundu...
...inyama nokudla okuvela emasimini bekuba nendlwana yakho lapha eduze nendlu yeNkosi..into emosha nelahla umlando, osomathuba abafika nezinto eziningi ebezingenziwa, bese futhi Kuba ilomqondo othi usiko funeke luhambhisane nenkathi...
Yizo zonke izinto ezona isizwe esinsundu lezo yikho sideleleka kalula ngoba senza yonke into eyayikade ingenziwa, sigcine sesilanda neminye imimoya, miningi imimoya lapha ngaphandle, kusemqoka ukuthi sikwazi ukuyihlonza, ngoba nemibi ikhona, izochitha imizi izofaka abantu osizin.
Missing some Tweet in this thread? You can try to force a refresh.

Keep Current with Sabelo ka Lindamkhonto vi

Profile picture

Stay in touch and get notified when new unrolls are available from this author!

Read all threads

This Thread may be Removed Anytime!

Twitter may remove this content at anytime, convert it as a PDF, save and print for later use!

Try unrolling a thread yourself!

how to unroll video

1) Follow Thread Reader App on Twitter so you can easily mention us!

2) Go to a Twitter thread (series of Tweets by the same owner) and mention us with a keyword "unroll" @threadreaderapp unroll

You can practice here first or read more on our help page!

Follow Us on Twitter!

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just two indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3.00/month or $30.00/year) and get exclusive features!

Become Premium

Too expensive? Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal Become our Patreon

Thank you for your support!