My Authors
Read all threads
Kubuhlungu ukulinda. I'm not saying this just to motivate you into waiting and staying positive. Ngikusho ngoba kubuhlungu. 💔😢

#Thread 🇿🇦
Whether you are exposed to church doctrine or not. It does not matter. The argument that church doctrine is limiting we'll set it aside for the next thread. For now ake sikhulume ngalobubuhlungu bokulinda.
For the past three or four years I have been experiencing the worst. I've been exposed to having things come easily for. I'd pray and sure as the sky is blue I'd get what I want and be happy. Grateful that "really God was being true when He said everything I want I'd get".
The ventures that I wanted to go into dried up. I'd get into the door but all of a sudden everything went sideways. Interviews I'd kill only for a small thing would make things go back to the gravel road.
At this juncture I imagine those exposed to impande and knows umsebenzi wayo as being amazing might be tempted to DM me and tell me about a person who can assist me. Kodwa angikho lapho, indulge me.
Even now izinto zisamile. Ulwazi olubanzi nolunzulu nga lomsebenzi wami engiwufundele nengawusebenza nginalo. Kodwa nje.
I don't know whether I'm awake or asleep at times. But I experience tooth aches, stomach grumblings, thoughts of suicide, and headaches from time to time. These remind me that I'm awake. Rudely so.
I absolutely have no idea when will the day be that the sun rises with a beginning that will give me joy and optimism for the future. I've stopped praying for myself and asking God for my relief. On many occasions I've "been led by the Spirit to fast and pray" kodwa kubhede.
When you read the first tweet I said kubuhlungu ukulinda. I mean it. I don't know hlobo luni lokulinda ekumele ngibe nalo ngaphakathi kwami ukuze ngithi impilo izoba ngcono.
Ekulindeni kwami angihlezi. Nginaso isimo sokuphithizela. Ngicinga amathuba. Ngiba nalo ithuba ngishise ikhandlela ngibize amathonga ukuthi ame eduze kwami.
Noma ngingaba phansi kangakanani, experience the worst form of heartache my heart's ever felt, or feel like I'd toss myself in front of a moving train - there's something that leads me to continue looking for better opportunities. I still imagine myself and family successful. 😔
Kubuhlungu ukulinda mfethu. Kukho konke ubunzima nobumnyama obhekene nabo ungayeki ukuzama mfethu. 😢😢
Into ebuhlungu kunazo zonke ngokulinda ukuthi emizamweni yakho uzodibana nabantu abafuna ukukuqedelela. Uthi uyathanda bangakuthandi. Uthi ufika nethuba balebe. Uthi usuboleke imali ongenayo uthi uzama ukuvuka obhuqwini bakwebele izithukuthuku osuziqokelelile.
I want to say "are they to blame?" but it doesn't matter. We all are struggling. Our struggles are never the same. Even if they have similarity they will not weigh the same. Even if they did we're not of the same size and strength. Why steal from me or sabotage me?
Ekulindeni kwakho mfethu uzoba nenhlanhla uhlangane nomuntu ofana nami who'll be of assistance to you expecting nothing in return. Uzodibana nami linetha izulu ngikuhlangule ngoba usizi lokungabi namali uyidinga. Uzoqondwa yimi ngikwenzele ama copy eCV ngoba ngiyakhona.
Kubuhlungu ukulinda mfethu. Kubuhlungu ube ungazi ukuthi ulinde ini ezovela nini noma kanjani. Kodwa mfanakithi ekulindeni kwakho ungabacindezeli ngoba nakhu ukwazi wena. Bamise. Banike ithuba lokuba bazithintithe nabo ngoba nabo babhekiwe emakhaya.
Kubuhlungu ukulinda mfethu. Into ebuhlungu ngakho ukuthi ulinda ezweni lakini elathengiswa abantu bakini bethengisela abantu ababonanga kukubi ukunquma/ukudubula/ukudlwengula okhokho bethu. Amathuba ngabe sinawo ezweni lokhokho bethu kodwa ingcebo yethu ithengisiwe.
Kubuhlungu ukulinda gazi lami. Abanye bethu sizobulawa abantu bakithi bezibona ukuthi bangcono kunathi, bebona ukuthi eyethu indlala isifanele obabo ubuqili bungubulingiswa.
Kubuhlungu ukulinda ngoba awazi ukuthi khona lapha ekhaya ukhona yini osethenge ithonga umsamo wawuphendula wasebenzela yena. Yazin eyenza ubuhlungu bokulinda bube nzima kakhulu ukuthi umamkhulu/babekazi wakho watshontsha ingubo yakho owawuyembethe wayophumelelisa ezakhe izingane
Kubuhlungu ukulinda mfethu. Kodwa uma uzwa kunzima kakhulu qhubeka ube nethemba ngoba mhlampe ozokuhlangula usendleleni uqonde kuwe. Linamandla ithonga. Unamandla uJehova. Qhubeka ube muhle ngoba sibaningi esidinga ubuhle bakho nomusa wakho.
Ukulinda kusazoba buhlungu ngoba noma ungenzani uma isabelo sakho kungesakho angeke usiphe omunye umuntu. Awukho umuthi oyokwenza ukuthi ungadluli ebunzimeni.
Mfethu angeke ngithi linda. Yimpilo ezokwenza ukuthi ulinde. Mhlampe ekulindeni kwakho uzothola amandla azosiqinisa siphile sihlangule imindeni yethu, izizwe zethu nomphakathi wethu.
Ungayeki ukuzama mfethu. Noma Kubuhlungu phambili sogcina sifikile. 🙏🏾🙏🏾
Missing some Tweet in this thread? You can try to force a refresh.

Keep Current with Nceba S Radebe

Profile picture

Stay in touch and get notified when new unrolls are available from this author!

Read all threads

This Thread may be Removed Anytime!

Twitter may remove this content at anytime, convert it as a PDF, save and print for later use!

Try unrolling a thread yourself!

how to unroll video

1) Follow Thread Reader App on Twitter so you can easily mention us!

2) Go to a Twitter thread (series of Tweets by the same owner) and mention us with a keyword "unroll" @threadreaderapp unroll

You can practice here first or read more on our help page!

Follow Us on Twitter!

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just two indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3.00/month or $30.00/year) and get exclusive features!

Become Premium

Too expensive? Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal Become our Patreon

Thank you for your support!