My Authors
Read all threads
Siyobohla Manyosi:

• Lesisaga sichaza ukuthi uyophela umbuso.

• UManyosi kaDlekeleza waduma kakhulu ngesenzo sakhe sokudla intondolo yembuzi ayiqede aze aphuze ngisho nomhluzi wayo eyedwa nje vo! Lesi saga sakheka ngamazwi kaMbomboshe ngenkathi uManyosi esehlubuka
uMbomboshe [isilo uDingane] eya kwiSilo uMpande. Lamazwi ayechaza ukuthi uzolamba phela ngoba umbuso wakwaZulu wawusezandleni zikaDingane ngaleso sikhathi, ngakhoke ngombono kaMbomboshe uManyosi wayengeke ahlatshelwe imbuzi kwaNodwengu okuyinto eyayizodala ukubohla kwesisu sakhe.
Kwase kwakheka lesaga esithi 'siyobohla Manyosi'.

• UManyosi wayeyinsizwa eyayinamahlaya, kangangokuba iLembe laze lamenza usomahlaya weso okwakuthi uma kufike izivakashi iLembe simhlabele imbuzi bese ehulula amahlaya zijabule zife izivakashi, ngapha uManyosi ebe edla imbuzi
yakhe. Nesilo iDingane wayemkhonza uManyosi kepha uManyosi wakhetha ukuwela uThukela nesilo uMpande. UManyosi wahlubuka ngoba ethi umbuso kaZulu awuphephile, ukufa kukaDingane koba sekuphelile ngawo, phela isilo uDingane sasingenangane, kanti isilo uMpande sasizele ziningi
izingane. UManyosi kwakuyinsizwa eyayondlekile eyayingasabe lutho, kwakuyiqhawe. Kuthiwa phela uManyosi waba yinsizwa yokuqala ukuhlabana yawisa izinsizwa ezintathu ngokuphazima kweso kwimpi yakwaGqokli eyabe iphakathi kwamaZulu [ngaphansi kweLembe] kanye namaNdwandwe [ngaphansi
kukaZwide kaLanga] egqumeni elaziwa ngokuthi ikwaGqokli. UManyosi wazibula ngendodana wayiqamba wathi "uSobohla" eyiqamba sakubhingqa amazwi kaMbombosh'Omnyama (isilo uDingane).
Missing some Tweet in this thread? You can try to force a refresh.

Enjoying this thread?

Keep Current with Sikleza KweleGuqa

Profile picture

Stay in touch and get notified when new unrolls are available from this author!

Read all threads

This Thread may be Removed Anytime!

Twitter may remove this content at anytime, convert it as a PDF, save and print for later use!

Try unrolling a thread yourself!

how to unroll video

1) Follow Thread Reader App on Twitter so you can easily mention us!

2) Go to a Twitter thread (series of Tweets by the same owner) and mention us with a keyword "unroll" @threadreaderapp unroll

You can practice here first or read more on our help page!

Follow Us on Twitter!

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just three indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3.00/month or $30.00/year) and get exclusive features!

Become Premium

Too expensive? Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal Become our Patreon

Thank you for your support!