My Authors
Read all threads
Izinkomo zamalobolo:

• Ngaphambi kokuba ngizichaze ngayinye ngayinye ngifisa ukuqala ngikuveze lokhu "zonke lezi zinkomo zabekwa ngumlungu uSomtsewu" owayethunyelwe ngabelumbi ukuba azodunga isizwe sakithi. Inhloso kwakungukuqinisekisa ukuthi kuba nzima ukuganwa, babazi ukuthi Image
kwaZulu awuwandisi umndeni ungaganiwe/nile. Ngaleyondlela ayengeke ande amabutho kaZulu.

USomtsewu oshaye umthetho wokuthi umnumzane womuzi indodakazi yakhe kumele ilotsholwe ngezinkomo eziyishumi nanye (11), indodakazi yenduna ilotsholwe ngeziyishumi nesithupha (16).
KwaZulu kusadliwa ngoludala ilobolo bekuyinto ehlanganisa imindeni yakhe ubuhlobo, bekunikwana ngamabele, ummbila, amabhece, namathanga njalonjalo. Belingekho inani lezinkomo elinqunyiwe kuze kwafika yena uSomtsewu wethula lomthetho.
Izinkomo zelobolo:

1. Imvulamlomo – lenkomo enikezwa ubaba kamkoti ekuqaleni kwezingxoxo zamalobo, ukuba akhulume nabakhongi. Lenkomo ngencane kunazozonke ezinye, kungaba nje yithole lenkomo.
Imvulamlomo
2. Inkomo kamama/Inqguthu - lenkomo umkhwenyana ayinikeza umkhwekazi wakhe. Image
lenkomo ikhishwa ngumkhwenyana ebonga umkhekazi ngokukhulisa umakoti kahle otholakale esayintombi nto. Uma ubuntombi sebalahleka lenkomo umkhwenyana akayikhiphi. Lenkomo ingenkulu nebiza kunazozonke izinkomo zelobolo. Ngaphambi komshado, umakungukuthi intombi ubuntombi bayo
bese balahleka, lowo owathatha izimbali zentombi uyahlawula ngenkomo okuthiwa Inkomo yohlanga. Lenkomo ayingeni emagcekeni akamakoti, kodwa ihlatshwa ngaphandle kwegcekelakwamakoti kukhishwe inyongo, bese kuchelwa ngayo umuzi wendoda. Izintombi zesigodi zibe seziyogeza ngenyongo
yalenkomo emfuleni ohambayo, zikhiphe ichilo elilethwe yilentombi esigodini sendawo.
3. Inkomo kababa - lenkomo iyisipho umkhwenyana asipha uyise kamakoti ebonga ngokukhulisa umakoti.
4. Umqholiso – lenkomo yokungeniswa kukamakot emzini. Lenkomo ikhonjwa innxeba ngumakoti ngosuku
lomshado. Umakoti uthelwa ngenyongo yalenkomo, kanti futhi umakoti akayidli inyama yalenkomo.
5. Isikhumba - lenkomo umkhwenyana ayinika uyise kamakoti kuthiwa eyesikhumba sikamnumzane wekhaya.
Inkomo yesikhumba
6. Isibhoma – lenkomo yisiphoumkhwenyana asipha umakoti kuthiwa
eyesidwaba sikamakoti ayosiqgoka emzini.
7. Imbeka – lenkomo ehlantshwa emzini ngumakoti yokujabulisa abasemzini. Lenkomo ihlatshwa emuva kwesithathi umakoti egcagcile. Isikhathi kungaba yizinyangana noma unyaka ophelele. Lenkomo ngoba ithatha isihathi ukuhlatshwa, kungaba nje
yithole lenkomo.
8. Inhlabisamthimba – lenkomo ehlatshelwa umthimba uma kugcagcwa.
9. Isiwunkulu – lenkomo eyohlatshwa emshadweni ihlatshelwe abesifazane.
10. Isiqondo – lenkomo inikezwa umakoti mhla ephuma ekhaya eya emzini bethi ngayo ekhaya lakhe adle asuthe angalambi.
11. Inkomo yomncamo – lenkomo kamakoti ayihlaba ekhaya evalelisa ezintombini zangakubo.

• Uzoqaphela ukuthi eziningi zalezi zinkomo wayethi azihlatshwe, lelo kwakuyitulo lokuphungula imfuyo yesizwe esimnyama.

*** Baklezi abakhulu ake ngithule kungaze kuthiwe sengithe ***
Missing some Tweet in this thread? You can try to force a refresh.

Enjoying this thread?

Keep Current with Sikleza KweleGuqa

Profile picture

Stay in touch and get notified when new unrolls are available from this author!

Read all threads

This Thread may be Removed Anytime!

Twitter may remove this content at anytime, convert it as a PDF, save and print for later use!

Try unrolling a thread yourself!

how to unroll video

1) Follow Thread Reader App on Twitter so you can easily mention us!

2) Go to a Twitter thread (series of Tweets by the same owner) and mention us with a keyword "unroll" @threadreaderapp unroll

You can practice here first or read more on our help page!

Follow Us on Twitter!

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just three indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3.00/month or $30.00/year) and get exclusive features!

Become Premium

Too expensive? Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal Become our Patreon

Thank you for your support!