My Authors
Read all threads
UNomkhubulwana:

• UNomkhubulwana uyinkosazana, uyintombi yaseZulwini. Yena ucebisa abantu ngokudla, balime bavune kugcwale izinqolobane. Igama leNkosazane leyamaniswa nokulima "ukukhubula" ngekhuba. Abantu bakwaZulu babekujabulela kakhulu ukuzibonakalisa kweNkosazana ngoba
bayazi ukuthi basuke bezelwa unyaka kavunivila, bazodla kugcwale izinqolobane.

Uma izwe lihlaselwe umkhuhlane noma kuhlasele indlala nesomiso, abadala babesuke sebazi ukuthi kukhona into embi eyenziwe isizwe ngakhoke kufanele kuhlanganiswe izibonda zezwe, kuyoshwelezwa
kulamathongo, kwakubhekwa intaba ephakeme kuyiwe kuyo kuyokwenziwa umhlatshelo wokushweleza beseke siyaphela isomiso leso noma umkhuhlane, nendlala. Kwakukholwa ukuthi uNomkhubulwana unikeza abantu izivuno ezinhle, kube nenala kuphihlike ukudla emasimini.

Le Nkosazana yabe
itshalelwa insimu yayo, ilinywa ngamakhosikazi wonke esigodi, ayeyilima ngamakhuba nemikhono. Kwakutshalwa ingxubevange yembewu, kuthi lapho komila khona kube yinto nje exubene, kungahlakulwa kungavunwa kodwa ithela iziduli zabasali, amathanga, amabele, amabhece, ummbila nakho
konke okulinywayo. Nanti igama elalihlatshelelwa mhla kulinywa le nsimu:

"Nang' uMagejana nango !
Sibiz' amabele awomame !
Wo hhaye! Buyani madoda,
Niz' ekhaya! Wo hhaye hhaye!"

Kwakuthi ngesinye isikhathi uNomkhubulwana aphiselwe uNomdede igama lotshwala ayephiselwa lona
liqondisa futhi nedili lonke nje likaNomkhubulwana obunye babusiwa ensimini yakhe, obunye buphuzwa, kuhutshwe ihubo lakhe uNomkhubulwana. Izintombi ziyamema kumbe uma izulu libalele ziphume ziye entabeni ziyocela imvula. Mhla zizovuka kuyiwe entabeni zilala ndawonye zonke
zilindwe amaqhikiza. Akulalwa ngalobo busuku kuculwa kuze kuse, kuyothi uma sekuntwela ezansi bese ziqala zilungiselela ukukhuphuka intaba. Phela zikhuphuka ziya kocela imvula eNkosazaneni uNomkhubulwana.

Usekhona usakhonzwa nanamuhla umkhosi kaNomkhubulwana ezigodini ezithile.
Le nsimu ilinywa entwasahlobo kungakanduliswa, ukuze sonke isizwe sikhululeke ekulimeni. Izintombi ziphuma namageja ziyolima insimu eyaziwa ngokuthi ekaNomkhubulwana. Ziyilima zicula kuyothi zingalindele iqale imvula. Kuvamisile ukuthi zibuye sezigijima sezinethwa imvula
isiphendulile iNkosazana. Insimu le ilinywa endaweni esithele futhi okungangeneki kalula kuyo ukuze ingabhuqwa yimpahla okuyizinkomo nezimbuzi. Kayihlakulwa futhi kayivunwa le nsimu, ize idliwe yiyo impahla ngezikhathi zamahlanga sekunguthelawayeka.

Inkonzo kaNomkhubulwana
ifezwa ngezintombi ngoba uma ekhonzwa ukhonzwa ngazo. Imicimbi eyenziwa izintombi iyayithinta inhliziyo yakhe. Noma ngabe izulu lomisile uma kuphuma izintombi ziyocela imvula, uyayidedela ngoba icelwe izintombi. Uyazazisa kakhulu izintombi ngoba naye uyintombi nto. Isiko
lokugcina izintombi limqoka kakhulu kwaZulu. Ubuntombi lobu babusiza ezindaweni eziningi zesizwe:
• Kwakusetshenziswa izintombi ukucela imvula kuNomkhubukwana.
• Yizo izintombi nto ezazikhuza imikhuhlane yabantwana.
• Yizintombi ezazilima insimu yeNkosazana.
Kuya ngezigodi ubunjalo baNomkhubulwana njengoba engakaze abonwe muntu, abantu bamchaza njengoba nabo babetsheliwe. Bonke bahlangana ekutheni uyintombi, uyinkosazana yemvula nenala.

🙌🙌🙌 Nina beNkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva 🙌🙌🙌
Missing some Tweet in this thread? You can try to force a refresh.

Enjoying this thread?

Keep Current with Sikleza KweleGuqa

Profile picture

Stay in touch and get notified when new unrolls are available from this author!

Read all threads

This Thread may be Removed Anytime!

Twitter may remove this content at anytime, convert it as a PDF, save and print for later use!

Try unrolling a thread yourself!

how to unroll video

1) Follow Thread Reader App on Twitter so you can easily mention us!

2) Go to a Twitter thread (series of Tweets by the same owner) and mention us with a keyword "unroll" @threadreaderapp unroll

You can practice here first or read more on our help page!

Follow Us on Twitter!

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just two indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3.00/month or $30.00/year) and get exclusive features!

Become Premium

Too expensive? Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal Become our Patreon

Thank you for your support!