My Authors
Read all threads
Kuqala bekuthi uma ingane yomfan' iphuphe ilele nomuntu wesifazane, udaba ibilubika kubafowabo asebekhulile, ebese bona babikela uBaba, kothi uBaba engayizwa lendaba uyoyithatha indodana yakhe esingene esigabeni sobunsizwa, ayise emfulen' ogeleza amanzi, afike ayigeze, ngamanzi..
lokhu bekwenzelwa ingane ukuthi ikhule Ibe indoda eqotho engenathunzi elizoyiphazamisa empilweni, lesithunzi besisuswa enganeni yomfan' ukuze ingakhuli naso, kunezingane eziningi zabafana ezikhule zingakwazi lokhu futhi ezikhule zingagezwanga...
lomoya osuke ufike ebusuku ephupheni njengomuntu Wesifazane, bekuthi uma kubuywa emfuleni ubeyake athathwe umfana ahlaliswe phansi ebese eyachazelwa ukuthi njengoba ebephupha lento ayiphuphile bekungani futhi kusho ukuthi, ubeyalwa amakhehla no Baba..
Nazo ezamantombhazane Uma bekade ziphuphe zilelwe beziyake zigezwe. Udaba bezilubika koMama, nibona izingane eziningi zingezwa kangaka zihlukumeza nje ingoba iningi alikhishwanga lelithunzi azange zigezwe, manje lomoya uya ngokukhula njalo uma nazo zikhula.
Bekuthi uma sekubuyiwe emfulen sekuzongenwa ekhaya, bekulungiswa imbhuzi emhlophe qwa engenamabala, kudala umuzi nomuzi ubunendawo yomnikelo, ebiba ngasesangweni lomuzi, kwesinye iskhath' bekuyabe kube, iSihlahla somndeni, lapho okuhlatshelwa khona lembhuzi, nansi into ibiyenziwa
Ingane ebisingene esigabeni sobudoda, bekuyake kuqale kuhutshwe ihubo lalowo muzi, ihubo lodwa linamandla, uMdali wezulu ulizwa kangcono, emvakwehubo ebese kubizwa wonke "amagama alabo ababumbha isibongo somuzi" ngamanye amazwi bekubizwa "izithakazelo" Kuze kufike kwisizukulwane
Esisaphila, ebese kubongwa uMdali wezulu nomhlaba, ngokuthi ubabusisile, wakuveza ngokusobala ukuthi umuzi manje wakulelikhaya usuzokwanda uMntwana usenembhewu yokuvusa umuzi, ebese kuthathwe igazi lembhuzi lifafazwe kumphambhili womfana, la kukhulunywa noMdali ngqo....
hhayi abantu, asebashona, asebalala kwelamathongo kwabaphansi..ababongwa ngalutho...abezwa lutho...(basebantwini abadala asebaba mathambho mhlophe) akuxoxwa lutho nabo akucelwa lutho kubo...kucelwa kulo oBusise ingane Ophezukwakho konke, uMntwana ubelapheka ngaleyo ndlela....
Akhule eyiqonda imvelo nokuthi umuntu Wesifazane uphathwa kanjani, ibingenzeki nhlobo lento yokuthi ingane ilale nenye ingane, ebese kuba nengane engezukuba nabazali bobabili, noma kube khona ukuhlukana kwabazali bengane omunye aphume abheke le nomunye aphume aye le...
Ngokuhamba nangokuguquka kwemvelo nomthetho, uMdali wabe esenika wonke umuntu imvume yokukhuluma naye uqobo, ngoba iqiniso lithi imvo Uyakhuluma, futhi iyakhulunyiswa uMdali wasipha imvume yokuthi sixhumane nayo, hhayi abantu abangasekho...
Kodwa ngokuswela ulwazi saphucwa ubuhlakani, nengono yethu, basikhuculula umqondo salahlekelwa esasinakho, kwagcina sekuxubana izinto, kwalahleka indlela esasixhumana ngayo noMdali, saphindwe sadukiswa nangabaholi namakhosi abasidayisele kwabezizwe ngenxa yemali...
Missing some Tweet in this thread? You can try to force a refresh.

Enjoying this thread?

Keep Current with Sabelo ka-Lindamkhonto Vi

Profile picture

Stay in touch and get notified when new unrolls are available from this author!

Read all threads

This Thread may be Removed Anytime!

Twitter may remove this content at anytime, convert it as a PDF, save and print for later use!

Try unrolling a thread yourself!

how to unroll video

1) Follow Thread Reader App on Twitter so you can easily mention us!

2) Go to a Twitter thread (series of Tweets by the same owner) and mention us with a keyword "unroll" @threadreaderapp unroll

You can practice here first or read more on our help page!

Follow Us on Twitter!

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just three indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3.00/month or $30.00/year) and get exclusive features!

Become Premium

Too expensive? Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal Become our Patreon

Thank you for your support!