A ZULU HOMESTEAD:

Umuzi wesiZulu wakhiwa kanje, below I’m gonna explain each room in the yard, uma ziphelele kube zibe isithupha ezibalulekile. . .

1. Kufike kube ekagogo, indlu kagogo kuba indlu kamkhulu, in Zulu uma izindlu zakhiwe sizibizwa ngabesifazane abaganile, azibizwa
ngabesilisa, lendlu kagogo umama kababa wakho akukho ekwenzayo ekhaya ngaphandle kwemisebenzi eqondene nayo ngqo ethinta ugogo or umkhulu.

2. Eyesibili kuba indlu kakhokho wakho wakulelikhaya e.g uma umuzi umkhulu uba neziNdlu ngeziNdlu ezihlukene eziphuma kuKhulukhulu. . .
“uMqambisibongo” ngakhoke kumele wazi ukuthi njengoba ungowakwaButhelezi nje kodwa uphuma kuyiphi iNdlu njengoba okhokho bethu bebaningi kangaka ngokweziNdlu nje, kumele wazi ukuthi inhlanhla yakho ilele kumuphi ukhokho so ke indlu kaKhokho iyona. . .
insika yomuzi kayihlo noyihlomkhulu even noma uyakha lendlu kumele ihluke impela kulezi ezinye izindlu kanti futhi kumele ibe phakathi kwezindlu ingabi seceleni ngoba yindlu yensika, lendlu iyona ke ekuthi noma umuntu uma egula engasindi kungenwa kuyo kuthethwe khona. . .
kulendlu kaKhokho kumele noma ngabe wenza muphi umsebenzi noma ngabe awuqondene nokhokho kumele kubekhona ukhamba lwesiZulu umqombothi reason being is that ikhehla elidala leli so angeke lize likwazi ukuyocela ngale komkhulu ngoba liyabazala hence kumele uqikelele ukuthi ukhamba
lubakhona endlini yakhe ukhokho noma ngabe umsebenzi uwenzele kuyiphi indlu

3. Bese kubakhona eyesithathu, lena yesithathu siyibiza ngokuthi kukwagogo, Hhayi kodwa ugogo wakho, ekagogo wabantwabakho, kuwe ngeyakweNu kodwa abantwana bakho abayibiza ngekagogo, lendlu. . .
yakweNu kagogo wabantwabakho iyona keNdlu yempepho le la okushiselwakhona impepho kukhulunywe emsamo, kubayindlu yayo yonke imicimbi le konke okwenziwayo okuphathelene nedlozi kwenzelwa la kulendlu, it’s important to know that ngokwesiZulu uma ucela edlozini noma engabe wenzani..
ubika komncane kunabobonke edlozini, ngaleyodlela abantu abancane kunabobonke edlozini kuba umama nobaba abazali bakho bese kulandele umkhulu bese kulandele ubaba kamkhulu njalo njalo so awukwazi ukuvele ubikele umkhulu wakho noma ubaba kamkhulu wakho ebekhona ubaba if. . .
you do that nomkhulu usengabona nje ukuthi ayihloniphi lengane hence
kumele ubikele ubaba bese ubaba abikele umkhulu bese umkhulu abikele ubaba kamkhulu njalo njalo, ngaleyodlela ke iNdlu yempepho ile yakweNu hhayi yakobabakho, abantu abaningi bayadideka ngokuthatha. . .
iNdlu kagogo umama kababa bayenza eyempepho esikhundleni seyakwaBo.

4. Besekuba neNdlu yoMqambisibongo e.g njengoba ngingowakwaMabaso nje kumele kube neNdlu yekhehla elasungula isibongo sakwaMabaso, leli ikhehla lamakhehla singamathambo amathambo alo siyinyama yenyama. . .
yenyama yalo siyigazi lamagazi alo so
konke okucela edlozini kusukela kubaba kuya kulo lelikhehla uma kuvume lona uzophumelela kokucelayo uma lingavumanga ngeke unikwe okucelayo, uma kuthukuthele lona bathukuthala bonke. . .
5. Besekubakhona iNdlu yesihlanu,
lendlu yesihlanu nayo ibizwa ngokuthi ekagogo but hhayi wakini kodwa kuba ugogo wakhabomalume umamakamama benomalume
njengoba nazike ukuthi umuntu uphethwe amathongo amahlanu, ekungelakini, elakhabomalume, elakhabomalume kamalume. . .
elakhabomalume kababa idlozi elihamba nawe ubusuku nemini leli,
nayoke leNdlu eyakabomalume kubalulekile ukuthi ibekhona, kodwa ke uma uyakha kumele ithi ukuqhelelana nezinye izindlu ngoba eyasemzini kuyahlonishwana njengobaba nogogo umama kamalume abahlali ndawonye, lendlu. . .
yakabomalume akukho okutheni ekwenzayo kuyo ngaphandle uma uzenzela izinto zakhabomalume khomama njengetiye uvele uzingenele khona wenze lokho uqede uvale, ungalokhu uyohlupha omalume nabazala lendlu yakabomalume ayiphoqelekile ukuthi ibe khona njengalezi ezinye kodwa. . .
yona mayikhona ekhaya likayihlo noyihlo mkhulu iyayenza inhlanhla kuwe nakulelikhaya.

6. Eyesithupha iNdlu iSibaya, lendlu iSibaya kuyalekelela kakhulu ukuthi ibekhona ekhaya ngoba yiNdlu evika imikhokha nemikhuhlane
iphinde ihlale amakhehla omuzi,
yiyo leNdlu okuthi noma kuza
umphezulu kuwe noma ekhaya bese amakhehla nezalukazi bawuvimbe bawuphebezele uyoshaya inkomo bese usinda kanjalo, yiyo leNdlu okuthi uma iNgelosi isikhishiwe ezulwini ukuzokulanda bese amakhehla nezalukazi banxuse kuMdali bakhiphe inkomo bacele ngayo bese ingilosi ibulale inkomo
yasekhaya usinde kanjaloke wena, kuningi kakhulu okwenziwa yileNdu iSibaya esikwaziyo nesingakwazi thina, asakhenike bafwethu sakheni imizi yow’babamkhulu ngalendlela. THE END

• • •

Missing some Tweet in this thread? You can try to force a refresh
 

Keep Current with Siboniso KaMabaso

Siboniso KaMabaso Profile picture

Stay in touch and get notified when new unrolls are available from this author!

Read all threads

This Thread may be Removed Anytime!

PDF

Twitter may remove this content at anytime! Save it as PDF for later use!

Try unrolling a thread yourself!

how to unroll video
  1. Follow @ThreadReaderApp to mention us!

  2. From a Twitter thread mention us with a keyword "unroll"
@threadreaderapp unroll

Practice here first or read more on our help page!

More from @ZuluSweG

4 Mar
ISINGIZI:

Insingizi or ingududu inyoni emnyama bese iba nebala elimhlophe elicashe ngaphansi, kunombala wenkomo okuthiwa insingizi isuka, isuke imnyama bese ibamhlophe ngaphansi, inyoni yezimangake lena kukhona futhi eba mhlophe qwaaa wonkumzimba yonake ayivelaveli. . .
kubantu iyacasha kakhulu, ivela nje kuphela uma kunobunzima obubhekene ezinye nalezi ezimnyama e.g uma sezihlulwe inyoka lezi ezimnyama zilanda le emhlophe, emhlophe iyona enqoba izitha, kantike nje futhi akulula ukubona iNsingizi ifile cos le emhlophe yenza konke. . .
okusemandleni ukuthi ayibonakali, lezinyonike in Zulu zibizwa ngokuthi izinyoni zezulu e.g uma kuza izulu elinzima okungase limoshe imizi yabantu kubonakala ngalezi zinyoni kuqala zindizela phezu bude buduze esigodini, uma futhi kunomuzi ozobhekana nobunzima e.g isifo. . .
Read 4 tweets
2 Mar
KING SHAKA FACTS:

Kwathi ngelinye ilanga esigodlweni sesilo uMsimude emveni kokuba ethathe izintambo zombuso kumnewabo isilo uVezi, kwakukwaNodwengu ikomkhulu likaZulu, kwenzeka umhlola, izinduna zabona izinyoka ezimbili zilwa ngaphakathi esigodlweni, enye yazo kwakuyinfezi. . .
enye kuyikhonkothi, zalwa lezizinyoka phambi kwendlu okwakuhlala kuyo uMasiphula kaMamba wakwaNtshangase,ngendlela ezazilwa ngayo izinduna zaze zathumela enkosini uMsimude ngomhlola owenzekayo esigodlweni, zasezibovu igazi zilwa, wathi nje uma efika esigamekweni uMsimude. . .
akangabazanga ukuthi laba abalwayo through these snakes amaKhosi amadala abafowabo uVezi neLembe, sametime wakhipha izwi labalinye wathi “ibambeni lenyoka ukhokhothi niyibulale niyishise ngomlilo angilifuni leloShinga laseMgungundlovu la emzini kababa, ulwisa iLembe kube kunguye
Read 7 tweets
2 Mar
IZICHWE:

izichwe imimoya yabantu asebashona imimoya yabo engalele ngokuthula e.g abantu abafa bekhala, car accidents, ukugwaza, ukudutshulwa, ukusha, etc etc maqede imindeni yabo ayangabalanda ngemiphafa ayangabageza yabafaka ekhaya so ke labobantu bayantanta nje la. . . Image
emhlabeni cos they are not resting where they are supposed to be, eSintwini sithi abahlangene nemindeni yabo eseyadlulayo so ke abantu abanjalo bayahluphake cos kuyaye kuthi la umuntu afelakhona uphenduka isipokwe sakhona e.g you will see accidents happening at the. . .
same spot, kusuke kuyilabobantu becosa isiphithiphithi kuleyondawo then more and more people will die on those accidents scenes so ke in Zulu kuthiwa kusuke kuwuthuli lweziche means isiphithiphithi esenziwa abantu asebengasekho okuba yinto that you can’t even. . .
Read 4 tweets
1 Mar
UMNTWANA USHINGA KaMPANDE:

On the picture below uMntwana uShingana kaMpande, uzalwa isilo uMsimude KaSenzangakhona ovele ngesiluba phakathi kwamaQadasi namaNgisi emzala kwiNdlovukazi uMaShwabade, umntwana uShingana wayelama iNkosana umntwana uMbungelwa bavundla esibelethweni... Image
sinye seNdlovukazi uMaShwabade, how he got his name uShinga ingoba indlovukazi uMaShwabade ngenkathi isamthwele umntwana yayishinga into eyinqaba, yayingadeleli indlovukazi yayiqhuba intwala ngewisa, isiloke uMsimude wabe eseyiqamba ingane mhla izalwa wathi uShingana. . .
UNonkwenkwezi weZulu eliphezulu,
UBhaca emzileni,
UMabele aphenduke umfaba, UNodela umzimba awunike amambuka, Umzimba uzidelile kwaHlophekhulu, UVuthise amalangabi kwaHlophekhulu, UMkhishwa enqabeni angene etsheni
ngoba beethi itshe yilo elizomlamlela.
Read 5 tweets
1 Mar
UMGQIBELO:

Kahle hle esiZulwini nasesiNgunwini at large asinawo amagama ezinsuku, ukubiza izinsuku ngamagama yinto eyafika nabelungu, umgqibelo igama lesixhosa elisho ukuqeda bathi ukugqiba ''ugqibile'' in Zulu sithi ukuqeda, so kwathi uma kufika abelungu la kwelakithi base...
befaka ukuthi izinsuku azibizwe ngamagama e.g Monday to Sunday kwase kuthiwa AmaZulu awaziqambele izinsuku ngesiZulu based on the numbers ngikulandelana kwazo kwase kuthiwa uMsombuluko okusho okokuqala to Sunday okusho isonto njengoba zibala nje izinsuku ngesiZulu, olokuqala. . .
olwesibili, olwesithathu, olwesine, olwesihlanu kwathi uma kufika isataday bathi ow'khokho bazothi uZilili or Umgandelo, intando yeningi yawahlikizake lawomagama omabili kwase kuthiwa akuvele kuthiwe uMgqibelo okusho ukuthi usuku lokugcina evikini cos iSunday usuku lokuqala. . .
Read 10 tweets
3 Dec 20
KING SHAKA FACTS:

Yes technically Ilembe was raised by a single parent “his mother” he came from a broken family structure, the fact is his father inkosi uSenzangakhona did not own to hi responsibilities about his son uShaka, his father figure was inkosi yesizwe sakwaMthethwa. .
uDingiswayo KaJobe and other men he grew up surrounded by, hence he never idolized his father, from a young age uma eseqala ukuqina njengejongo he protected his mother indlovukazi uNandi with all he had up until he became a king then made her a Queen, inkosi. . .
uSenzangakhona never loved his son uShaka kusukela esesesiswini sikamawakhe uNandi hence they name uShaka, I don’t think iLembe would have been a king isaphila inkosi uSenzangakhona I mean before he died vele wayesethe indodana yakhe ezothatha ubukhosi emva kwakhe kuzoba. . .
Read 6 tweets

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just two indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3/month or $30/year) and get exclusive features!

Become Premium

Too expensive? Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal Become our Patreon

Thank you for your support!

Follow Us on Twitter!