UKUPHIHLIZA IGULA:

kwakuphihlizwa igula mfwethu, ukuphihliza igula kwakuba umsebenzi owawenziwa uma ngabe sekwenzeke iphutha kwalalana abantu bebe behlobene, lalithathwa maqede liphihlizwe phansi ligcwele amasi phakathi ukuze bakwazi laba bobabili ukuthi sebengaganana so
ukubulawa kwegula kwakusho ukuthi kubulawa ubuhlobo phakathi kwabo BUT take notes and don’t get carried away bese ucabanga ukukhohlakala ugange till kuze kube inamhlanje akubona bonke ubuhlobo obabubulaleka, kunobuhlobo obungabulaleki njengomuntu onesibongo esifana nesakho. . .
udadewenu/umfowenu lowo, bese kuba yisibongo sasekhakonyoko, lobo buhlobo abubulaleki ngoba emzimbeni wakho kunegazi lakhona kanti futhi uyashiselwa impepho khona kanjalo nezidalwa zakhona zinawe zikugadile, ukulalana kwabantu bebe behlobene kuyishwa lelo so ow’khokho. . .
babeyithatha njenge bhadi elibi kabi leyonto hence baze babona kungcono ukuthi abaphihlize igula elinamasi maqede bebaxoshe ''babedingiswa'' uma abantu begazi belelene bodwa. THE END

• • •

Missing some Tweet in this thread? You can try to force a refresh
 

Keep Current with Siboniso KaMabaso

Siboniso KaMabaso Profile picture

Stay in touch and get notified when new unrolls are available from this author!

Read all threads

This Thread may be Removed Anytime!

PDF

Twitter may remove this content at anytime! Save it as PDF for later use!

Try unrolling a thread yourself!

how to unroll video
  1. Follow @ThreadReaderApp to mention us!

  2. From a Twitter thread mention us with a keyword "unroll"
@threadreaderapp unroll

Practice here first or read more on our help page!

More from @ZuluSweG

1 Dec
ZULU FENCES:

Hheshe mbhemi, ihamba kanje lento, ngeSiZulu sinezinhlobo ezine zokubiyela, kufike kube. . .

1. Umthangala.
2. Uthango.
3 Isibaya.
4. Iguma.

(A) umthangala wawenziwa uma uhlela isiza for ukuvimba inhlabathi ukuthi ingaguguleki ''ukubiyela umuzi'' wawenziwa...
ngamatshe, umthangalake loyo.
(B) uthango nalo luyabiyela but lona alwenziwa ngamatshe lwenziwa ngamahlahla or iy'ngodo, ziyagujelwa phansi zibekwe sakusondelana zilawunde umuzi, uthango luphinde lubiyele nengadi.
(C) isibaya sithi asicishe sifane nomthangala, kuyafana vele. . .
ngoba kokubili kwakhiwa ngamatshe but its two different things cos umthangala ubiyela umuzi bese kuthi isibaya kube indawo yokulala izinkomo.
(D) iguma kuba uphahla olwenziwa phambi komnyango for ukuthi amanzi angangeni endlini. . .
Read 4 tweets
24 Nov
INGQUTHU:

Kudala ow’khokho uhlelo lwengquthu babelenza kanje, babethatha ukhamba baliphihlize bese beqoqa izincezu bazozithatha bazise kwantombo but manje sekubhotshozwa indishi ngaphansi basuke lapho bayise kwantombo uma befika bafike bayibeke esangweni, baqinisekise ukuthi. . Image
bayabonwa uma bekwenza lokho, kwakwaziwake ukuthi kusho ukuthini lokho, iyobeke isibuyiselwa emuva inkomo yengquthu cos awukwazi ukukhokhela ubuntombi obungekho ngoba uzoziqhatha nezidalwa, uzokhumbula ukuthi before ziphume izinkomo ziyabikwa emsamo kanti futhi nakwantombo...
zifike zibikwe kwezakhona izidalwa, so umkhongi kumele afike acele ukuthi inkomo yengquthu iyolandela emva komgcagco, uma bengavumi abazali bakantombo akuhluphi akuze abahloli bezohlola untombo ukuthi ubelwa yini noma cha ngoba kumele alwe untombo, uma bekunqaba nalokho it’s fine
Read 5 tweets
12 Nov
AMAQHAWE AKWAZULU:

1.Ntshingwayo kaMahole Khoza wayengumdidiyeli jikelele wempi yase Sandlwane washona mhla uMntwana uZibhebhu ebhuqabhuqa uZulu esigodlweni saOndini.
2.Sihayo wakwaNgobese.
3.uMtwana uZibhebhu.
4.uSgananda kaZokufa Shezi
5.uMntwana uNdabuko kaMpande Zulu owashaya phansi ngonyawo amabhunu efuna ukubopha iwundlu leSilo uDinizulu wathi ningamane nibophe mina ukunokubopha ingane yomnewethu.
6.uSgubudu semikhonto.
7.uNdlela kaSompisi wakwaNtuli owayehola ibutho. . .
iNtontela wabulawa inkosi uDingane embulalela inkosi uMpande ngemva kwempi yaseMaqongqo.
8.uNongalaza kaNondela.
9.Klwana kaKhoboyela.
10.Dambuza KaSobadli.
11.uMzilikazi kaMashobane wakwaKhumalo
owazihlaba zama ngomgobo kwaGqokli, wayesekhaleni. . .
Read 5 tweets
11 Nov
UKUQOMA:

1. insizwa yayiqala ngokushela, uma kuwukuthi untombo is feeling the vibes zensizwa, untombo wayebe esikhipha ucu oluwuphawu lokuvuma ibhungu, ijongo lalibe seliqonda emaqhikizeni aphethe leyontombi ukuyoxoxisana nawo ngezinhloso ukuthi lifuna ukumthatha yini untombo...
limenze umkalo “ukukhipha abakhongi” or not at that time, kwakube sekunqunywa usuku lokugaxa ibhungu ubuhlalu balo and no lobola discussions would take place there, take note ukuthi here we talking about untombo osengesiyo intombi nto. . .
2. Uma intombi yayiyitshitshi elingakaze laqoma belithumela izintombi ziyoliqomela kubo kwamfana, zisuke ziphethe ucu zifike zihaye ingoma yokuzoqoma bese kuma iduku, intombi nto yabongwa ngemali ,indishi kanye nengubo bese kwethiwa amagama ezingane zokuqala umfana nentombazane..
Read 6 tweets
14 Sep
INKOMO YAMANZI:

In Africa ayikho into okuthiwa imamaide, abelungu they must prove to us uma ukuthi ukhona ngempela umuntu onesizansi senhlanzi because thina AmaZulu we can prove it to them ukuthi la e Africa sinento ehlala ezizibeni ezinde kanye. . . ImageImageImageImage
nasezintabeni ezinde, asinalo igama layo eliqondile so it depends ukuthi ikuphi between the two locations which is amanzi nentaba, uma isentabeni siyibiza ngokuthi inkanyamba uma isemanzini siyibiza ngokuthi inkomo yamanzi, no one not even a single person has seen it. . .
ukuthi injani lento istricture or umbala wayo, ezinye zezilwane lezi ezadalwa uNkulunkulu ukuthi zingabonwa umuntu njengoba sinjalo ngenxa yokuthi zinamandla amangalisayo hence sinama power okuzishintsha into anything it wants to be, emakhaya iyabonakala lento in. . .
Read 16 tweets
7 Sep
ZULU WEDDING CUTTING THE CAKE MOMENT:

Kuyaye kuthi ngosuku lomgcagco umakoti usuke esefikile la akazoganela khona bese kuthiwe akathe inkomo ''UKUYATHA INKOMO'' igama laloluhlelo ukuyatha inkomo, okokuqala ufike angene endlini yakhe ekhashwa izintombi kuphela, uma eqeda ukungena Image
endlini ufike akhumule zonke izimpahla akazigqokile abenqunu, uzimboza ngesiphuku nje kuphela esimhlophe for ukuhloniphisa ukuthi angaphumeli ngaphandle ehambaze, uzothi uma ephuma lapho uzobe eseya esibayeni eseyokwetha inkomo, ufike angene esibayeni athole inkomo isiwisiwe. . .
kumele ibheke phezulu and kumele ihlatshwe umkhwenyana wakhe bese kuthi umakoti angene ayifake ucu, uzibophela emilenzeni yomine bese eya esifubebni sayo inkomo maqede ayisike ngomese from esifubeni ukwehla aze ame la okuqalakhona isitho sayo sobulili, yikhoke ukuyetha lokho. . .
Read 5 tweets

Did Thread Reader help you today?

Support us! We are indie developers!


This site is made by just two indie developers on a laptop doing marketing, support and development! Read more about the story.

Become a Premium Member ($3/month or $30/year) and get exclusive features!

Become Premium

Too expensive? Make a small donation by buying us coffee ($5) or help with server cost ($10)

Donate via Paypal Become our Patreon

Thank you for your support!

Follow Us on Twitter!